Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 kaPetru 4:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ukuze ngesikhathi esiseleyo nisesenyameni ningabe nisahlala ngezinkanuko zabantu kodwa ngentando kaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 ukuze ngalesi sikhathi esisasele nisesemzimbeni ningabe nisaphila ngezinkanuko zabantu, kodwa ngentando kaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 ukuze isikhathi esiseleyo enyameni angabe esaphila ezinkanukweni zabantu, kodwa ngentando kaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 ukuze isikhathi esiseleyo enyameni angabe esaphila ezinkanukweni zabantu, kodwa ngentando kaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kaPetru 4:2
35 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba wena unguNkulunkulu wami; umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelezekileyo.


Kepha baseqile isivumelwano njengo-Adamu; bangikhohlisa ngalokho.


Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”


nakubo wathi: ‘Yanini nani esivinini; ngiyakuninika okufaneleyo.’


“Yiyiphi kulawa amabili eyenza intando kayise na?” Bathi kuye: “Eyokuqala.” UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.


“Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.


Ngokuba owenza intando kaNkulunkulu nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”


ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala,


abangazalwanga ngagazi, nantando yenyama, nantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu.


Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami.


ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.


Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena;


Kanjalo nani manizisho ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKristu Jesu.


Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?


Kanjalo nani bazalwane bami, nani naba ngabafileyo maqondana nomthetho ngomzimba kaKristu ukuba nibe ngabomunye, lowo owavuswa kwabafileyo, ukuze sithelele uNkulunkulu izithelo.


wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye wavuka.


esasikade sihamba phakathi kwabo sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye.


Ngakho ngisho, ngifakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ebuzeni bengqondo yabo,


Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.


ningathengi amehlo njengabathokozisa abantu, kodwa njengezinceku zikaKristu nenze intando kaNkulunkulu ngenhliziyo,


Ngalokho nathi, kusukela osukwini esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya,


Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu;


Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu Jesu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu.


kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.


makaniphelelise kukho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe.


Njengabantwana abalalelayo ningalingisi izinkanuko zakuqala ekungazini kwenu,


Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nokuhleba konke;


Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka