Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 kaPetru 4:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 nikhonzane, kube yilowo nalowo ngesipho asiphiweyo njengabaphathi abahle bomusa omninginingi kaNkulunkulu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Yilowo nalowo ngokwesipho asemukelisiwe, makakhonze abanye njengezinceku ezinhle zomusa kaNkulunkulu owehlukahlukene.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 njengalokho yilowo nalowo isipho asamukeleyo, khonzanani ngaso njengabaphathi abalungileyo bomusa omkhulu kaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Njengalokho yilowo nalowo isipho asamukeleyo, khonzanani ngaso njengabaphathi abalungileyo bomusa omkhulu kaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kaPetru 4:10
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.


Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona.


“Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na?


Kanjalo obamukele amabili wazuza amanye amabili.


“Khona bayakuphendula nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi, noma uhamba ze, noma ugula, noma usetilongweni, singakukhonzanga, na?’


Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


Yayisithi iNkosi: “Ngumuphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho?


Wayesebiza izinceku zakhe eziyishumi, wazinika omina* abayishumi, wathi kuzo: ‘Hwebani ngabo, ngize ngibuye.’


noJowana umkaKhuza, induna kaHerode, noSusana, nabanye abaningi ababebakhonza ngempahla yabo.


kepha manje ngisaya eJerusalema ngiyokhonza abangcwele.


Kwaba kuhle, ngokuba nembala banecala kubo; ngokuba uma abezizwe behlanganyela nabo ezintweni zabo zokomoya, banecala futhi lokubakhonza ngezokwenyama.


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.


Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengenyanga yokwakha ehlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha akube yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.


Ngokuba ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na?


Kepha thina esisebenza kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu –


Ngokuba maqondana nokukhonza abangcwele akuswelekile ukuba nginilobele,


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo


Nguyena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaprofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi,


iNkosi mayimnike ukuba athole ububele eNkosini ngalolo suku – konke akhonza ngakho e-Efesu uyakwazi wena kakhulu.


Ngokuba umbonisi umelwe ukuba abe ngongasolekiyo njengomphathimuzi kaNkulunkulu, ongaziqhenyi, ongesiso isififane, ongesiso isiphuzi, ongesiso isilwi, ongesiye ohahela inzuzo embi,


Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.


Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.


NgoSilvanu umfowethu othembekayo ngokubona kwami nginilobele ngokufushane, ngincenga, ngifakaza ukuthi lo yiwo umusa oqinisekileyo kaNkulunkulu; yimani kuwo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka