Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




URuthe 1:15 - IsiZulu 2020

15 UNawomi wathi kuye: “Uyabona ukuthi umnakwenu usephindele kwabakubo nakonkulunkulu bakhe, nawe mlandele ubuyele kwabakini.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Wathi: “Bheka, umnakwenu usebuyele kwabakubo nakunkulunkulu wakhe; buya nawe, umlandele umnakwenu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Wathi: “Bheka, umnakwenu usebuyele kubantu bakubo nakonkulunkulu bakubo; buyela emuva ulandele umakoti wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




URuthe 1:15
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Eliya wathi ku-Elisha: “Ake uhlale lapha, ngokuba uSimakade ungithumele eBhethele.” Kepha u-Elisha wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, naphambi kwakho, angisoze ngisuke kuwe.” Base behlela eBhethele.


kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo, uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Akusho ngomlomo wakhe wukona nenkohliso, ukuyekile ukwenza ukuhlakanipha nokwenza okuhle.


nabafulathelayo beyeka ukulandela uSimakade, nalabo abangamfunanga uSimakade, abangabuzanga kuye.


Wathi kuye: “Angiyukuhamba, kunalokho ngizosuka ngiye kwelakithi nasezihlotsheni zami.”


Base besondela emzaneni ababeya kuwo. Yena washaya sengathi uyedlula lapho,


Kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa, kodwa uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyukuthokoza ngaye.


Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uSimakade, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu besengaphesheya komfula, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uSimakade.”


UJoshuwa wathi kubantu: “Aninakumkhonza uSimakade, ngokuba unguNkulunkulu ongcwele. UnguNkulunkulu onomhawu, akayukuxolela iziphambeko zenu noma izono zenu.


Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.


Aneneliswa yini yizwe unkulunkulu wenu uKhemoshi aninike lona laba yifa lenu, na? Thina asifanele yini ukudla lonke izwe uSimakade uNkulunkulu wethu asinqobele lona ukuba libe yifa lethu, na?


Baphinda badazuluka bakhala; u-Orpha wamanga uninazala, kodwa uRuthi wanamathela kuye.


URuthi wathi: “Musa ukungincenga ukuba ngikushiye ngibuyele emuva, ngingahambi nawe, ngokuba lapho uya khona ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona ngiyakuhlala khona nami. Abantu bakini bayakuba ngabakithi, noNkulunkulu wakho uyakuba nguNkulunkulu wami.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka