Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 8:18 - IsiZulu 2020

18 Nokho ngizithathele abaLevi esikhundleni sawo wonke amazibulo abantu bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngithabathile amaLevi esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngathatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 8:18
5 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha u-Israyeli welula isandla sakhe sokunene wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, owayengomncane, wabeka isandla sokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe ukuze asibeke kuManase owayeyizibulo.


“Mina ngibakhiphile abaLevi phakathi kwabantu bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo wonke avula isibeletho kubantu bakwa-Israyeli; abaLevi bayokuba ngabami.


Uyakwethula abaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; bayokwethulwa kuye impela, bevela kubantu bakwa-Israyeli.


Wonke amazibulo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane, ngazehlukanisela wona kusukela mhla ngibulala amazibulo wonke eGibhithe.


AbaLevi ngibanike u-Aroni namadodana akhe ukuba abe yisipho sabo esivela kubantu bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana, nokubenzela abakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabi bikho sifo phakathi kwabo, lapho abantu bakwa-Israyeli besondela endaweni engcwele.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka