1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Amadodana kaLevi: nguGereshoni, uKhohathi, noMerari.
“Uyokwenza uthi lwezibani ngegolide elicwengekileyo, uyakulwenza ngomsebenzi ocangcathiweyo, isisekelo salo, nesiqu salo kwenziwe ngegolide elicangcathiweyo; izimbali zokuhlobisa, imiqumbe, namacembe, kube kunye nalo.
AbaLevi ababalwanga ngokwesizwana sokhokho babo njengezinye izizwana zakwa-Israyeli.
Kwathi lapho uMose engena ethendeni lokuhlangana ukuyokhuluma noSimakade, wezwa izwi likhuluma naye livela phezu kwesihlalo somusa ngaphezu komphongolo wobufakazi phakathi kwamakherubhi amabili, wakhuluma naye.
“Yisho ku-Aroni uthi kuye: ‘Lapho ubeka izibani, izibani eziyisikhombisa ziyakukhanyisa phambi kothi lwezibani.’ ”
Ngaleso sikhathi uSimakade wehlukanisa isizwana sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nokuba sime phambi kukaSimakade ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.