5 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
5 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
“Uma omunye wenu enza isiphambeko, ona engahlosile ezintweni ezingcwele zikaSimakade, uyoletha kuSimakade umnikelo wecala, inqama enganasici ezimvini zakhe, noma kube yizinhlamvu zesiliva ngokweshekeli lendlu engcwele; lokho kungumnikelo wecala.
Abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo, babakhiphela ngaphandle kwenkambu; njengalokhu uSimakade ayekhulume noMose, benza kanjalo-ke abantu bakwa-Israyeli.
“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma owesilisa noma owesifazane benza isono esivame esintwini sonke, baphambuke kuSimakade, lowo muntu uyoba necala.