Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 5:23 - IsiZulu 2020

23 “ ‘Umphristi uyozibhala lezi ziqalekiso encwadini, azesule ngamanzi ababayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 “ ‘Umpristi uyakubala lezi ziqalekiso encwadini, azesule ngamanzi ababayo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Umpristi kumelwe azilobe encwadini lezi ziqalekiso, futhi kumelwe azesule ngamanzi ababayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 5:23
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

‘Usho kanje uSimakade, uthi: bhekani, ngizokwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwezakhamuzi, zonke iziqalekiso ezilotshwe encwadini efundwe phambi kwenkosi yakwaJuda,


Ngabe ukhona yini ongilaleleyo na? Nantu uphawu lwami, uSomandla makangiphendule. Sengathi ngabe nginencwadi yecala ayilobileyo omelana nami!


Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho, wesule iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.


Fihla ubuso bakho ezonweni zami, uzesule zonke iziphambeko zami.


USimakade wathi kuMose: “Kulobe lokhu encwadini kube yisikhumbuzo, ukutshele uJoshuwa ngokuba ngizowabhubhisa aphele nya ama-Amaleki phansi kwezulu, angabe esakhunjulwa nhlobo.”


“Mina, Mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyukuzikhumbula izono zakho.


Iziphambeko zakho ngizesule njengefu, nezono zakho njengomlaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”


lawa manzi aletha isiqalekiso, ayongena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho;” owesifazane uyakuthi: “Amen! Amen!”


Uyomphuzisa owesifazane amanzi ababayo aletha isiqalekiso. Uyowaphuza amanzi ababayo angene kuye amlethele isiqalekiso sezinto ezibabayo.


Ngakho-ke phendukani, niguquke ukuba zithethelelwe izono zenu,


“Ngalokho, zilobeleni leli hubo, nilifundise abantu bakwa-Israyeli, libekeni emilonyeni yabo ukuze leli culo libe kimi ngubufakazi kubantu bakwa-Israyeli.


Ngabona abafileyo, abadala nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; kwase kuvulwa izincwadi; nenye incwadi yavulwa, okuyincwadi yokuphila. Abafileyo bahlulelwa ngalokho okwakulotshwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka