Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 4:32 - IsiZulu 2020

32 izinsika zegceke nxazonke, izisekelo zalo, izikhonkwane zalo, izintambo zalo, impahla yalo yonke, nomsebenzi walo wonke, niyoyisho ngamagama impahla okufanele bayithwale.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo, nempahla yonke yazo, nenkonzo yonke yazo, nibamisele ngamagama impahla abafanele ukuyithwala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

32 nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo, nazo zonke izinto zazo, nawo wonke umsebenzi wazo wenkonzo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 4:32
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abanye babo babebheka impahla, izitsha zonke zendlu engcwele: impuphu, iwayini, amafutha, inhlaka namakha.


Yenzani konke njengalokho engizakunikhombisa khona, umfanekiso wethabanakeli, nayo yonke impahla ekulo, niyakuyenza kanjalo.”


“Uyokwenza igceke lethabanakeli. Ngaseningizimu yegceke kube khona amakhethini elineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, ubude bawo bube ngamakhubhithi ayikhulu ohlangothini ngalunye;


Izisekelo zezinsika zazilithusi; izinkintsho zezinsika namabhande akhona kulisiliva; izihloko zalo zicakwe ngesiliva, zonke izinsika zegceke zinezibopho zesiliva.


Lezi kwakuyizindleko zethabanakeli; ithabanakeli lesivumelwano, ezahlanganiswa njengokuyala kukaMose, umsebenzi wabaLevi wawuphansi kuka-Ithamari, indodana ka-Aroni umphristi.


Umsebenzi owawumiselwe abozalo lwakwaMerari kwakungukunakekela amapulangwe ethabanakeli: imishayo, izinsika, izisekelo zalo, nazo zonke izimpahla zalo, nayo yonke imisebenzi eyayenziwa ngalezo zinto.


Bayakunakekela yonke impahla yethende lokuhlangana nemisebenzi yabantu bakwa-Israyeli, senze umsebenzi wethabanakeli.


Nakhu abayalwa ukuba bakwenze, okungumsebenzi wabo ethendeni lokuhlangana: ukuthwala amapulangwe ethabanakeli, imishayo yalo, izinsika zalo, izinyawo zalo,


Yilowo umsebenzi wemindeni yabozalo lukaMerari abamiselwe ukuwenza ethendeni lokuhlangana phansi kwesandla sika-Ithamari, indodana ka-Aroni umphristi.”


Babalwa-ke njengesiyalezo sikaSimakade kuMose, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe. Babalwa kanjalo-ke, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa ithabanakeli, waligcoba, walingcwelisa nayo yonke impahla yalo; wagcoba, wangcwelisa i-althare, nazo zonke izitsha zalo.


Izinqola ezine nezinkabi eziyisishiyagalombili wakunika abozalo lukaMerari ngokomsebenzi wabo, ababephethwe ngu-Ithamari, indodana ka-Aroni, umphristi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka