Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 4:15 - IsiZulu 2020

15 “Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukwemboza indawo engcwele nempahla yonke yendawo engcwele, lapho inkambu seyithutha, kuyakuza abozalo lukaKhohathi ukuzokuthwala, kodwa abayukuthinta lutho olungcwele ngokuba bayokufa. Lezi zinto zingumthwalo wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke yendlu engcwele, lapho ikamu* liyakusuka, emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala, kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe. Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Lapho u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukumboza indlu engcwele nazo zonke izinto zendlu engcwele lapho ikamu kumelwe lisuke; emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukulithwala; kodwa akumelwe bathinte lutho olungcwele, funa bafe. Lezi zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 4:15
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwenyuka u-Abhiyathara noZadoki nabo bonke abaLevi, bethwele umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu; bawubeka phansi umphongolo wesivumelwano baze bedlula bonke abantu ababephuma emzini.


Kwakuthi uma ababethwele umphongolo kaSimakade sebehambe amanyathelo ayisithupha, bese ehlaba inkabi nethole elikhuluphalisiweyo.


Esefikile wonke amalunga akwa-Israyeli, abaphristi bawuphakamisa umphongolo.


Abozalo lwabaLevi bawuthwala ngezingongolo emahlombe umphongolo kaNkulunkulu, njengokuyala kukaMose, ngezwi likaSimakade.


UDavide wayesethi: “Umphongolo kaNkulunkulu mawungathwalwa muntu, kuphela abaLevi, ngokuba yibo abaqokwe nguSimakade ukuthwala umphongolo kaSimakade, nokumkhonza kuze kube phakade.”


AbaLevi bayakuthwala ithabanakeli nazo zonke izinto zalo zenkonzo.”


Uyakubamisela abantu umngcele nxazonke, uthi: ‘Qaphelani ningenyukeli entabeni, noma nithinte umngcele wayo. Noma ngubani othinta intaba uyakubulawa impela.


USimakade wathi kuye: “Yehla, uxwayise abantu bangafohli ukuba babone uSimakade, ngokuba iningi labo liyobhubha.


Izingongolo ziyofakwa emasongweni, ukuze zibe sezinhlangothini zombili ze-althare, uma lithwelwe.


Uyoyibeka impepho emlilweni phambi kukaSimakade ukuze ifu lempepho lisibekele isihlalo somusa esiphezu kobufakazi, ukuze angafi.


Kunalokho uyakubabeka abaLevi bengamele ithabanakeli lobufakazi nayo yonke impahla yalo, bayakulithwala ithabanakeli nempahla yalo yonke, bakhonze kulo, bakhe amathende abo, balizungeze.


Lapho sekusukwa, abaLevi bayoliwisa ithabanakeli, kuthi lapho kukaniswa khona, babuye balimise; umfokazi oyosondela kulo uyakubulawa.


Kwasuka nabakwaKhohathi abangabathwali bezinto zendawo engcwele: ithabanakeli lamiswa ngaphambi kokufika kwabo.


Bayokwenza wonke umsebenzi wakho nomsebenzi wonke wethende, kodwa abayukusondela empahleni yendlu engcwele nase-althare, ukuze bona nani ningafi.


Ababekanise ngaphambi kwethabanakeli ngasempumalanga, phambi kwethende lokuhlangana lapho kuphuma khona ilanga, kwakunguMose, u-Aroni namadodana akhe. Umsebenzi wabo kwakungukwenza izinkonzo endaweni engcwele, bagcine umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli; umfokazi oyosondela kubo uyobulawa.


babeke kuyo zonke izimpahla zalo abakhonza ngazo kulo, imicengezi yempepho, izimfologo, amafosholo, nezimpahla zonke ze-althare, bendlale phezu kwazo isembozo sesikhumba samahlengethwa, bese befaka izingongolo zalo.


kodwa niyakubaphatha kanje ukuze baphile, bangafi uma besondela ezintweni ezingcwelengcwele: u-Aroni namadodana akhe bayongena babanikeze yilowo nalowo umsebenzi wakhe nomthwalo wakhe.


Abanakungena ukuba babuke okungcwele ngisho umzuzwana nje, funa bafe.”


Abozalo lukaKhohathi abanikwanga lutho, ngokuba inkonzo yendlu engcwele yayingeyabo; isemahlombe abo.


UMose waloba lo mthetho, wawunika abaphristi, amadodana kaLevi ayethwala umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nawo wonke amalunga akwa-Israyeli.


Abaphristi ababethwele umphongolo bama phakathi eJordani, kwaze kwaphela konke lokho uSimakade ayeyale uJoshuwa ukuba akusho kubantu, njengakho konke uMose ayemyale ngakho uJoshuwa. Abantu bawela ngokushesha.


Wabulala abantu baseBhethi Shemeshi ngokuba babebuke emphongolweni kaSimakade. Wabulala abangama-70 kubo emadodeni ayeyizi-50 000. Abantu balila ngoba uSimakade wabulala abantu abaningi kakhulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka