Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 34:2 - IsiZulu 2020

2 “Yala abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Senizofika eKhanani, leli yizwe elizokuba yifa lenu, izwe lamaKhanani nemingcele yalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni laseKhanani lokhu kuyizwe eliyakuba yifa lenu, izwe laseKhanani ngokwemikhawulo yalo –

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yala abantwana bakoIsrayeli, uthi kubo: Nxa lifika elizweni leKhanani; (leli yizwe eliyakuwela kini njengefa, izwe laseKhanani nemikhawulo yalo.)

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 34:2
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

imingcele yayo yayisuka eSidoni ibheke eGera kuze kube seGaza, iye eSodoma, eGomora, e-Adima, naseZebhoyimu, ize ifinyelele eLasha.


Ngikunika lonke iKhanani ongumfokazi kulo njengamanje, libe yifa lakho laphakade nelezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wazo.”


Wathi: “Ngizokunika iKhanani, libe yisabelo sefa lakho.”


Ngiyokwandisa imingcele yezwe lakho kusukela oLwandle Lomhlanga kuze kufike olwandle lwamaFilisti, kusukela ehlane kuze kushaye emfuleni. Ngiyonipha amandla phezu kwezakhamuzi zezwe, nizixoshe phambi kwenu.


“Mina bengicabanga ukuthi: “ ‘Ngizakukubeka kanjani phakathi kwabantu, ngikuphe izwe elinxanelekayo, ifa elihle kakhulu ezizweni!’ Ngathi niyakungibiza nithi: ‘Baba,’ ningaguquki ekungilandeleni.


Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nanku umngcele eniyakulehlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwana ezili-12 zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili.


Niyakwabelana lona ngokulinganayo, ngokuba ngasiphakamisa isandla sami, ngafunga ukuba ngilinike okhokho benu; leli lizwe liyakuba yifa lenu.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba, wamisa izinkathi ezinqunyiweyo nemingcele yokuhlala kwazo,


ukuze uvule amehlo abo basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, baze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwalabo abangcweliswe ngokukholwa kimi.’ ”


oyisibambiso sefa lethu, kube ngukuhlengwa kwabangabakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yakhe.


esekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, ukuze nikwazi lokho okuyithemba lobizo lwakhe nokuthi iyini ingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele,


Ngakho-ke uJoshuwa walidla lonke izwe njengakho konke uSimakade ayekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa lakhe, wamabela ngokwezizwe zakhe. Izwe laphumula ekulweni.


UJoshuwa wayesemdala, eseneminyaka eminingi; uSimakade wathi kuye: “Usukhulile, neminyaka yakho isihambile, liseliningi izwe okusafanele ukuba lidliwe.


USimakade wamnika kanjalo u-Israyeli lonke izwe ayefunge kokhokho bakhe ukuthi uzobanika lona; sebelidlile laba yisabelo sabo, bahlala kulo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka