Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 31:41 - IsiZulu 2020

41 UMose wanika u-Eleyazare, umphristi, intela eyayingumnikelo kaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 UMose wamnika u-Eleyazare umpristi intela eyayingumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

41 UMose wayinika u-Eleyazare umpristi intela, eyayingumnikelo weNkosi, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 31:41
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu bakwa-Israyeli bahamba njengoba uSimakade ebayalile oMose no-Aroni.


Yonke iminikelo yezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli abanikela ngayo, ngiyinika wena namadodana namadodakazi akho, ibe ngeyenu kuze kube phakade. Kuyisivumelwano sikasawoti, kuze kube phakade phambi kukaSimakade, kuwe nasezizukulwaneni zakho.”


USimakade wakhuluma ku-Aroni, wathi: “Uyabona-ke, Mina ngikunike igunya phezu kweminikelo yami naphezu kwazo zonke izipho ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli. Ngizinike wena namadodana akho njengengxenye eyisimiso sabaphristi phakade.


Abantu baba yizi-16 000, intela kaSimakade kungabantu abangama-32.


Engxenyeni yempango yabantu bakwa-Israyeli, uMose ayeyehlukanise kweyamabutho ayekade esempini,


Izinto zonke ezingcwele ziyakuba ngezakhe, nakho konke abayakukunikela kumphristi kuyokuba ngokwakhe.’ ”


Yonke iminikelo yezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli abayoyinikela kumphristi, iyakuba ngeyakhe.


Ningaphathi kwasikhwama sokwethekela, nabhantshi lesibili, kwazicathulo, kwaludondolo, ngokuba isisebenzi kufanele sinikwe ukudla kwaso.


Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo ezintweni zonke ezinhle.


Amalunga aphathe kahle, afanele ukuba atuswe ngokuphindwe kabili, ikakhulu lawo akhuthalela ukushumayela nokufundisa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka