Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 3:7 - IsiZulu 2020

7 Siyokwenza imisebenzi yakhe neyenhlangano yonke phambi kwethende lokuhlangana, siyokwenza nemisebenzi yethabanakeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bayakugcina izimfanelo zakho nezimfanelo zenhlangano yonke phambi kwetende lokuhlangana ukwenza inkonzo yetabernakele.*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bayakugcina inkonzo yayo nenkonzo yebandla lonke phambi kwetende lokuhlangana, benze inkonzo yetende.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 3:7
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

KubaLevi, u-Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.


amadodana amaJehiyeli, uZethamu noJoweli umfowabo, ayengamele ingcebo endlini kaSimakade.


UShelomothi nabafowabo babengamele yonke ingcebo yezinto ezingcwele ezazingcweliswe yinkosi uDavide, izinhloko zoyise, abakhuzi bempi bezinkulungwane, abakhuzi bempi bamakhulu nabakhuzi bempi.


Niyohlala ngasemnyango wethende lokuhlangana imini nobusuku, izinsuku eziyisikhombisa, nigcine umyalo kaSimakade ukuze ningafi, ngokuba ngiyaliwe kanjalo.”


Kunalokho uyakubabeka abaLevi bengamele ithabanakeli lobufakazi nayo yonke impahla yalo, bayakulithwala ithabanakeli nempahla yalo yonke, bakhonze kulo, bakhe amathende abo, balizungeze.


AbaLevi bayomisa amathende abo azungeze ithabanakeli lobufakazi, ukuze ulaka lungehleli phezu kwenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. AbaLevi bayakufeza yonke imisebenzi yokuqapha ithabanakeli lobufakazi.”


U-Eleyazare, indodana ka-Aroni, umphristi uyokwengamela abaLevi, abheke abenza imisebenzi endaweni engcwele.


Bayakunakekela yonke impahla yethende lokuhlangana nemisebenzi yabantu bakwa-Israyeli, senze umsebenzi wethabanakeli.


Engxenyeni yabantu bakwa-Israyeli uyothatha kube kunye ema-50, awabantu, awezinkomo, izimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike abaLevi abagcina inkonzo yethabanakeli likaSimakade.”


U-Aroni uyobaletha abaLevi phambi kukaSimakade babe ngumnikelo wokuzungeziswa ovela kubantu bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi kaSimakade.


“Emveni kwalokho abaLevi bayongena ethendeni lokuhlangana ukuyokwenza inkonzo yalo. Uyakubahlambulula ubanikele, babe ngumnikelo wokuzungeziswa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka