Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 3:15 - IsiZulu 2020

15 “Bala abozalo lwabaLevi ngezindlu zokhokho babo nangemindeni yabo; uyobala bonke abesilisa, kusukela konenyanga kuya phezulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Bala abantwana bakwaLevi ngezindlu zawoyise nangemindeni yabo; uyakubala bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Bala abantwana bakwaLevi ngemindeni yabo ngezizukulwane zabo: bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu uyakubabala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 3:15
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ukubalwa kwabaphristi kwakuya ngokwezindlu zoyise; abaLevi babebhalwa kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, ngokwemisebenzi yabo nezigaba zabo.


Ngiyabathanda abangithandayo; nalabo abangifunisisayo, bayangifumana.


“ ‘Usho kanje uSimakade, ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho, uthando lwakho njengomakoti, nokuthi wangilandela kanjani ehlane, ezweni okungatshalwanga lutho kulo.


USimakade wabonakala kimi ekude, wathi: “Ngikuthande ngothando lwaphakade, ngakho-ke ngikudonsile ngomusa.


kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke kwa-Israyeli asebekwazi ukuphuma baye empini, wena no-Aroni, niyobabala ngamaviyo abo.


AbaLevi ababalwanga ngokwesizwana sokhokho babo njengezinye izizwana zakwa-Israyeli.


Nampa ababalwayo kubaLevi ngemindeni yabo: kuGereshoni: ngumndeni wabakwaGereshoni; kuKhohathi: ngumndeni wabakwaKhohathi; kuMerari: ngumndeni wabakwaMerari.


Sebebonke abaLevi besilisa kusukela konenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babeyizi-23 000. Bona ababalwanga nabesilisa bakwa-Israyeli, ngoba babengezukuthola sabelo esizoba yifa labo ezweni. Ababelwanga ifa kwabakwa-Israyeli.


UMose wababala abaLevi njengezwi likaSimakade, njengalokhu ayemyalile uSimakade.


Inani labo bonke abesilisa ababalwayo, kusukela konenyanga kuya phezulu, babeyizi-7 500.


Inani labo bonke abesilisa, kusukela konenyanga kuya phezulu, babeyizi-8 600.


Inani labo bonke abesilisa ababalwa, kusukela konenyanga kuya phezulu, babeyizi-6 200.


Wonke amazibulo awabalayo kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ayeyizi-22 273.


UJesu ekubona lokho wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.


nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka