Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 28:9 - IsiZulu 2020

9 “ ‘Ngosuku lweSabatha niyonikela ngezimvu ezimbili ezingamaduna ezinonyaka ezingenasici, nokweshumi okubili kwempuphu ecolisekileyo kube ngumnikelo wokusanhlamvu oxovwe namafutha nomnikelo wawo wokuphuzwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “ ‘Ngosuku lwesabatha izimvu zamaduna ezimbili ezinomnyaka munye ezingenasici, nokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha kanye nomnikelo wawo wokuphuzwa:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngosuku lwesabatha amawundlu angamaduna aneminyaka emibili ubudala, angenasici, nokweshumi okubili kwempuphu, kube ngumnikelo wempuphu, exovwe namafutha, nomnikelo wawo wokuphuzwa;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 28:9
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha wathi: “Uyelani kuye namuhla na? Akusilo usuku lokwethwasa kwenyanga, akusilo isabatha.” Wathi: “Cha, kulungile.”


USolomoni wathumela kuHuramu, inkosi yaseThire, wathi: “Njengalokho wenza kuDavide, ubaba, wathumela kuye imisedari, ukuba akhe indlu, ahlale kuyo, yenza kanjalo-ke nakimi.


Ngizokwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho enuka kahle, njalo kubekwe izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaSimakade uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.


njengalokhu kufanele, imihla ngemihla. Wayenikela njengokomyalo kaMose, ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo. Wayenikela kathathu ngonyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.


“Uma uzinqanda ekungcoliseni isabatha, ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele; isabatha ulibize ngokuthi yintokozo, nosuku olungcwele lukaSimakade ngokuthi luhloniphekile, uluhloniphe; ungahambi ngezindlela zakho, wenza okuthandwa nguwe noma imisebenzi yakho,


Ngabanika futhi amasabatha ami ukuba abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguSimakade obangcwelisayo.


Ngosuku lwesabatha isikhulu siyakunikela kuSimakade ngomnikelo wokushiswa oyakuba ngamawundlu ayisithupha angenasici nenqama engenasici.


Lo ngumnikelo oyoshiswa njalo ngeSabatha, wengeze phezu komnikelo wokushiswa wemihla ngemihla nowokuphuzwayo ohambisana nawo.


Enye imvu uyonikela ngayo kusihlwa. Uyonikela ngayo njengomnikelo wokusanhlamvu wasekuseni nomnikelo wawo wokuphuzwayo, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuSimakade.


NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emuva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka