UNumeri 28:1 - IsiZulu 20201 USimakade wakhuluma kuMose, wathi: Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 20241 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Uka jalj uñjjattʼäta |
Ngizokwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho enuka kahle, njalo kubekwe izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaSimakade uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.
eyosetshenziselwa ukubhaka isinkwa esibekwa ethempelini, neminikelo yansuku zonke yokusanhlamvu neyokushiswa, neminikelo yangeSabatha, nemikhosi yokwethwasa kwenyanga, neminye imikhosi emisiweyo, neminikelo yesono eyenzelwa inhlawulo yezono zika-Israyeli, nawo wonke umsebenzi wasendlini kaNkulunkulu wethu.
Kuyakuba ngumsebenzi wesikhulu ukunikela ngeminikelo yokushiswa, iminikelo yokusanhlamvu, iminikelo yokuphuzwayo emikhosini, ekwethwaseni kwenyanga nangamasabatha, emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa-Israyeli. Isikhulu siyakuletha umnikelo wesono, umnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba kwenzelwe indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.