Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 25:1 - IsiZulu 2020

1 U-Israyeli wahlala eShithimi; abantu base beqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 U-Israyeli wahlala eShithimi; abantu baqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 U-Israyeli wahlala eShithimi, abantu baqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 25:1
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yadiliza izindlu zezifebe zesilisa ezazisendlini kaSimakade, lapho abesifazane babelukela khona amathende ka-Ashera.


Bazihlanganisa noBhali Pheyori, badla okuhlatshelwe abafileyo.


“Lowo olala nesilwane, makabulawe.


Awuyukwenza isivumelwano nabantu balelo lizwe. Kuyothi lapho bephinga nonkulunkulu babo, bebahlabela imihlatshelo, omunye kubo akumeme, bese udla umhlatshelo wakhe;


Ngathola okumuncu okwedlula ukufa: owesifazane onenhliziyo ewugibe nenethi, ozandla zakhe ziyizibopho; othokozisa uNkulunkulu uyasinda kuye, kodwa isoni uyasibamba.


Kwathi ukuba bonke abaJuda ababekwaMowabi, kwa-Amoni, kwa-Edomi, nakuwo wonke amanye amazwe, sebezwile ukuthi inkosi yaseBhabhele iyishiyile insali kwaJuda, nokuthi ibeke uGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba abe ngumbusi wabo,


“ ‘Kepha nabantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abazigcinanga izehlulelo zami ukuba bazenze ukuze umuntu aphile ngazo; bawangcolisa amasabatha ami, ngase ngithi ngizakuthululela intukuthelo yami kubo, ngiphelelise ulaka lwami phezu kwabo ehlane.


“Ngamthola u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona okhokho bakho njengolibo lomkhiwane emkhiwaneni lapho uqala. Kepha bafika eBhali Pheyori, bazinikela ehlazweni, baba ngokunengekayo njengalokho abakuthandayo.


Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”


“Bahluphe abakwaMidiyani, bese ubabulala,


“Phindiselela abantu bakwa-Israyeli kwabakwaMidiyani, ungakedluli emhlabeni.”


Bakanisa ngaseJordani kusukela eBhethi Jeshimothi kuze kufike e-Abhela Shithimi emathafeni kwaMowabi.


iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka, ukuze kube ngumnikelo wokushiswa,


Masingafebi njengokuba abanye babo bafeba, bafa ngalusuku lunye abayizi-23 000.


“Sahlala-ke esigodini esimalungana neBhethi Pheyori.”


ababedla amanoni emihlatshelo yabo, bephuza iwayini lomnikelo wabo wokuphuzwayo, na? Mabanisize, mababe yisiphephelo senu.


“Amehlo enu akubonile uSimakade akwenza eBhali Pheyori, ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wababhubhisa kanjani bonke abantu owawukanye nabo, labo abalandela uBhali Pheyori.


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.


Asonanga yini ngokwanele ePheyori, okuze kube manje asikazihlambululi kubo, okwathi ngenxa yabo, yonke inhlangano kaSimakade yehlelwa wubhubhane,


Ngovivi ngakusasa, uJoshuwa wavuka wakhukhula nabo bonke abakwa-Israyeli, esuka eShithimu, baze bayofika emfuleni iJordani. Bakanisa lapho ngaphambi kokuba bawele.


“ ‘Kepha nginokumbalwa okungihluphayo ngawe, kukhona labo ababambelele emfundisweni kaBhalami owafundisa uBhalaki ukuba abeke isikhubekiso phambi kwabantu bakwa-Israyeli ukuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuthi bafebe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka