Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 22:4 - IsiZulu 2020

4 UMowabi wathi ezingwevini zakwaMidiyani: “Manje lolu quqaba luzoqothula konke esinakho nxazonke, njengenkabi iqothula utshani edlelweni.” UBhalaki, indodana kaZiphori, wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UMowabi wathi kumalunga akwaMidiyani: “Manje leli bandla liyakukhotha konke okungakithi nxazonke, njengalokhu inkabi ikhotha utshani bedlelo.” UBalaki indodana kaSipori wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UMowabi wayesethi kumalunga akwaMidiyani: “Manje leli sixuku liyakuqeda njengezinkomo ezisihaqileyo, lidle utshani basendle; UBalaki indodana kaSipori wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 22:4
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Basuka kwaMidiyani, baya ePharanu; bathatha amadoda ePharanu baya nawo eGibhithe kuFaro, inkosi yakhona. UFaro wamnika indlu, nesabelo sokudla nezwe.


Izikhulu zakwa-Edomi zaba netwetwe; izikhulu zakwaMowabi zathuthumela; zonke izakhamuzi zaseKhanani zaphelelwa ngamandla.


Kukhona isililo phezu kophahla lwakwaMowabi, nasemashashalazini akhona, ngokuba uMowabi ngizakumphohloza njengesitsha esingafunwa muntu,” kusho uSimakade.


UBhalaki, indodana kaZiphori, wakubona konke u-Israyeli ayekwenze kuma-Amori.


Amalunga akwaMowabi nawakwaMidiyani ahamba ephethe ugxa, aya kuBhileyamu, afike akhuluma kuye amazwi kaBhalaki.


“Ngiyambona, kodwa hhayi manje; ngiyambheka, kodwa akekho eduze. Kuyovela inkanyezi kuJakobe; intonga yobukhosi iyovuka kwa-Israyeli, iphohloze uMowabi nxazonke, ichithe amadodana kaSethi;


Bheka, umuntu mumbe kwabakwa-Israyeli waletha owesifazane wakwaMidiyani emndenini wakhe, phambi kukaMose nebandla lonke labakwa-Israyeli, ngesikhathi bekhala emnyango wethende lokuhlangana.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Babulala amakhosi amahlanu akwaMidiyani u-Evi, uRekhemi, uZuri, uHure, noRebha. UBhileyamu, indodana kaBheyori, naye bambulala ngenkemba.


Pho wena ungcono yini kunenkosi uBhalaki, indodana kaZiphori wakwaMowabi, na? Wake wabanga yini nabakwa-Israyeli, noma waya empini nabo, na?


Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, uSimakade wabanikela esandleni sabakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka