Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 22:23 - IsiZulu 2020

23 Imbongolo yayibona ingelosi kaSimakade imi endleleni, ikhokhe inkemba yayo eyayiyiphethe ngesandla, yaphambuka endleleni, yayohamba ensimini. UBhileyamu wayishaya imbongolo ukuze ibuyele endleleni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Imbongolo yabona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; imbongolo yachezuka endleleni, yaya ensimini, kepha uBileyamu wayishaya imbongolo ukuyibuyisela endleleni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova imi endleleni iphethe inkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; imbongolo yachezuka endleleni, yaya ensimini; uBileyamu wayishaya imbongolo wayishintsha endleleni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 22:23
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Elisha wakhuleka, wathi: “Simakade, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” USimakade wawavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo zika-Elisha nxazonke.


UDavide waphakamisa amehlo akhe wayibona ingelosi kaSimakade imi emkhathini womhlaba nezulu, ikhokhe inkemba esandleni sayo iyelulele phezu kweJerusalema. UDavide namalunga babembethe ingubo yesaka base bekhothama bathi mbo ngobuso.


Unogolantethe emkhathini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo; ihobhe, ihhashi, inkonjane, nonohhemu, kuyazigcina izikhathi zokufika kwakho; kodwa abantu bami kabazazi izimiso zikaSimakade.


Mina, Daniyeli, yimi ngedwa engawubona umbono, ngokuba abantu ababenami abawubonanga, kepha behlelwa ngukuthuthumela okukhulu, babaleka bayocasha.


Kodwa intukuthelo kaNkulunkulu yamvuthela ngokuba wahamba nabo, ingelosi kaSimakade yema endleleni yamelana naye. UBhileyamu wayegibele embongolweni yakhe, ekhashwa yizinceku zakhe ezimbili.


Ingelosi kaSimakade yama endleleni eyayingumngcingo phakathi kwezindonga zesivini nxazombili.


“Kepha labo ababenami bakubona ukukhanya, kodwa izwi lowakhuluma nami abalizwanga.


Kuthe uJoshuwa eseseduze kwaseJerikho, wathi ebheka, wabona indoda imi phambi kwakhe, iphethe inkemba esandleni. UJoshuwa waya kuyo, wathi: “Ungomunye wethu noma ungomunye wezitha zethu, na?”


Kepha wasolwa ngesiphambeko sakhe. Imbongolo engakhulumi yakhuluma ngezwi lomuntu, yanqanda isenzo sokuhlanya somphrofethi.


Maye, kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKhayini, bagijimela nasephutheni likaBhalamu alenza ngenxa yomvuzo; babhubha njengoKhora owahlubukayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka