Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 2:2 - IsiZulu 2020

2 “Makube yilowo nalowo kubantu bakwa-Israyeli akanise ngasebhaneleni lakhe ngasezimpawini zezindlu zokhokho bakhe; bayakukanisa nxazonke babhekane nethende lokuhlangana.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa, kube yilowo nalowo ngasebhaneleni* lakhe ngasezibonisweni zezindlu zawoyise; bayakumisa nxazonke maqondana netende lokuhlangana.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa, kube yilowo nalowo njengebhanela lendlu yoyise; kumelwe bakanise kude nxazonke zetende lokuhlangana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 2:2
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izitha zakho zibhonge phakathi endlini yakho yokuhlanganela, zamisa izimpawu zazo zaba ngamabhanela,


Thembisani, nizifeze izithembiso enizenza kuSimakade uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owesabekayo.


Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwenu.”


Nina nonke enakhile ezweni, nina nonke enihlezi emhlabeni, bhekani lapho sekuphakanyiswa ibhanela ezintabeni, nilalele lapho kukhala icilongo.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, le ndawo iyisihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami, lapho ngiyakuhlala khona phakathi kwabantu bakwa-Israyeli kuze kube phakade. Indlu yakwa-Israyeli ayisayukulingcolisa igama lami elingcwele, yona namakhosi ayo, ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo.


USimakade uNkulunkulu wabo uyakubahlenga ngalolo lusuku, njengomhlambi wabantu bakhe, ngokuba bangamatshe omqhele amenyezela phezu kwezwe lakhe.


Kunalokho uyakubabeka abaLevi bengamele ithabanakeli lobufakazi nayo yonke impahla yalo, bayakulithwala ithabanakeli nempahla yalo yonke, bakhonze kulo, bakhe amathende abo, balizungeze.


Kwasuka kuqala ibhanela lenkambu yabozalo lukaJuda ngamaqembu abo, beholwa nguNaheshoni, indodana ka-Aminadaba.


Kwase kusuka ibhanela lenkambu yakwaRubeni ngamaqembu ayo. Laliholwa ngu-Elizuri, indodana kaShedewari.


Kwase kusuka ibhanela lenkambu yabozalo luka-Efrayimi, ngamaviyo ayo. Laliholwa ngu-Elishama, indodana ka-Amihudi.


Kwase kusuka ibhanela lenkambu yabozalo lukaDani, ngamabandla ayo, lona lalisemva kwazo zonke ezinye izinkambu. Owayelihola kwakungu-Ahiyezeri, indodana ka-Amishadayi.


USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi:


Ibhanela lenkambu yakwaRubeni liyakuba ngaseningizimu ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaRubeni kungu-Elizuri indodana kaShedewuri.


Abakanisa ngasempumalanga ngalapho kuphuma khona ilanga kuyakuba ngabebhanela lenkambu yakwaJuda ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaJuda kunguNaheshoni indodana ka-Aminadaba.


UBhileyamu waphakamisa amehlo akhe wabona ukuthi u-Israyeli ukanise ngokwezizwe zakhe, uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe.


ngokuba uNkulunkulu akasiye owesiphithiphithi, kodwa ungowokuthula, njengokuba kunjalo kuwo wonke amabandla abangcwele.


Kepha konke makwenziwe kahle nangendlela ehlelekile.


Okubalulekile, hambani ngokufanele ivangeli likaKhristu, ukuze kuthi noma ngiza ukuzonibona noma ngizwa ngani ngingekho, ngizwe ukuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye; nilwela inkolo yevangeli.


engabambeleli kulowo oyinhloko, okungaye umzimba wonke uyondliwa, futhi uhlanganiswa ndawonye ngamalungu nemisipha, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu.


ukuze niyazi indlela enimele ukuhamba ngayo, ngokuba anikaze nidlule kule ndawo ngaphambilini, nokho kufanele kube nesikhala phakathi kwenu nawo, ibanga elingaba yizi-2 000 zamakhubhithi; ningasondeli neze eduze kwawo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka