Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 18:15 - IsiZulu 2020

15 Amazibulo wonke ezintweni eziphilayo, abayonikela ngawo kuSimakade: kungaba ngawabantu noma ngawezilwane, kuyoba ngokwakho. Nokho izibulo lomuntu uyolihlenga, nezibulo lesilwane esingcolileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Konke okuvula isizalo senyama yonke abanikela ngakho kuJehova, okomuntu nokwesilwane, kuyakuba ngokwakho; nokho izibulo lomuntu wolihlenga ngempela, nezibulo lezilwane ezingcolileyo wolihlenga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Konke okuvula isizalo kuyo yonke inyama abayiletha kuJehova, kubantu noma kweyezilwane, kuyakuba ngokwakho;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 18:15
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

makuthathwe ngabaphristi. Makube yilowo nalowo akuthathe kumakhelwane wakhe, yikho abazolungisa ngakho izimfa zendlu, kuyo yonke indawo lapho kutholakala khona ufa.”


Siyoletha futhi kumphristi emagunjini endlu kaNkulunkulu wethu, inhlama eyenziwe ngokusanhlamvu kwesivuno sokuqala, nezithelo zayo yonke imithi, iwayini elisha namafutha amasha. Siyoletha futhi kubaLevi okweshumi komhlabathi wethu, ngokuba ngabaLevi abaqoqa okweshumi emizini yonke.


Ngesikhathi uFaro elukhuni engavumi ukusidedela, uSimakade wabulala wonke amazibulo eGibhithe, kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ngakho-ke ngihlabela uSimakade konke okungamaduna okuvule isibeletho, kodwa ngiyawahlenga wonke amazibulo angamadodana ami.’


“Ngihlukanisele wonke amazibulo; noma yiliphi izibulo elivule isibeletho kwabakwa-Israyeli, kubantu nezilwane, ngokuba lingelami.”


“Awuyukukhohlwa ukuletha iminikelo yesivuno sakho sokusanhlamvu nesewayini. “Amazibulo amadodana akho uyakuwanika Mina.


“Izibulo lembongolo uyolihlenga ngewundlu; uma ungalihlengi, uyolephula intamo. Wonke amazibulo emadodaneni akho uyowahlenga. Akuyukuza muntu phambi kwami engaphethe lutho.


Intengo yokuhlengwayo, kusukela kokunenyanga ngokulinganisa kwakho, iyoba ngamashekeli ayisihlanu esiliva ngokweshekeli lendawo engcwele elingamagera angama-20.


Ngokuba wonke amazibulo angawami. Kusukela ngosuku engabulala ngalo wonke amazibulo eGibhithe, ngazehlukanisela wonke amazibulo akwa-Israyeli ukuba abe ngawami; kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ayokuba ngawami; nginguSimakade.”


Ukuze uhlenge abangama-273 bamazibulo abantu bakwa-Israyeli abangaphezu kwabaLevi,


“Wonke amazibulo amaduna ayozalwa ezinkomeni zakho nasezimvini zakho uyowangcwelisela uSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukusebenza ngezibulo lezinkomo zakho, awuyukuligunda izibulo lezimvu zakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka