Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 15:24 - IsiZulu 2020

24 uma lokho kwenziwe kungenganhloso, futhi inhlangano ingazi, inhlangano yonke iyonikela ngeduna libe ngumnikelo wokushiswa, iphunga elimnandi kuSimakade. Iyowunikela nomnikelo wayo wokusanhlamvu, nowokuphuzwayo njengokomthetho, nempongo ibe ngumnikelo wesono.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 kuyakuthi uma kwenziwe kungengamabomu, futhi kungesemehlweni enhlangano, inhlangano yonke inikele ngeduna libe ngumnikelo wokushiswa wephunga elimnandi kuJehova kanye nomnikelo wayo wempuphu, nomnikelo wayo wokuphuzwa ngokomthetho, nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kuyakuthi, uma kwenziwa ngokungazi ibandla lingazi, ibandla lonke liyakulungiselela ijongosi elilodwa libe ngumnikelo wokushiswa, libe yiphunga elimnandi kuJehova kanye nomnikelo walo wokudla nomnikelo walo wokuphuzwayo, ngokomthetho, nenqama eyodwa ibe ngumnikelo wesono.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 15:24
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho beyehlukanisa, benza umhlatshelo ngezinkunzi ezilikhulu, izimvu ezingama-200, namawundlu angama-400, nezimbuzi ezili-12 ezaba ngumnikelo wesono, ngayinye imele isizwana ngesizwana sakwa-Israyeli.


Bonke labo ababuya ekuthunjweni banikela ngeminikelo yokushiswa kuNkulunkulu ka-Israyeli. Banikela ngezinkunzi ezili-12 ezazimele u-Israyeli wonkana, izinqama ezingama-96, namawundlu angama-77; banikela ngezimpongo ezili-12 zaba ngumnikelo wesono. Konke lokho kwaba ngumnikelo wokushiswa owanikelwa kuSimakade.


Niyakunikela ngempongo, ibe ngumnikelo wesono, nezinqama ezimbili ezinonyaka, zibe ngumhlatshelo womnikelo wokuthula.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona engahlosile, ephule imiyalo kaSimakade ngezinto okungafanele zenziwe, yena aphikelele azenze,


“ ‘Uma kona umholi ngokungenhloso, wephula omunye wale miyalo uSimakade uNkulunkulu wakhe ayale ngayo ukuba ingenziwa, aze azilethele icala,


uma azisiwe isono sakhe one ngaso, uyakuletha umnikelo wesiphongwane esingenasici.


“Uma omunye wenu enza isiphambeko, ona engahlosile ezintweni ezingcwele zikaSimakade, uyoletha kuSimakade umnikelo wecala, inqama enganasici ezimvini zakhe, noma kube yizinhlamvu zesiliva ngokweshekeli lendlu engcwele; lokho kungumnikelo wecala.


Uyoletha kumphristi iwundlu elingenasici alithathe emhlanjini wakhe noma okulingana nalo, kube ngumnikelo wecala; umphristi uyomenzela ukubuyisana mayelana nesiphosiso aphosise ngaso engazi, bese ethethelelwa.


konke uSimakade aniyale ngakho ngomlomo kaMose, kusukela ngosuku uSimakade aniyala ngalo kuqhubeke nakuzo zonke izizukulwane zenu,


Yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli iyothethelelwa nomfokazi ogogobele phakathi kwayo, ngokuba bonke abantu bakwenza ngesiphosiso.


Nempongo iyoba ngumnikelo wesono kuSimakade; kuyonikelwa ngayo nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka