Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 14:8 - IsiZulu 2020

8 Uma uSimakade esithanda, uyakusingenisa kuleli lizwe, futhi uyakusinika lona; liyizwe elichichima ubisi noju.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Uma uJehova esithanda, uyakusingenisa kulelo zwe, asinike lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uma uJehova ethokoza ngathi, uyakusingenisa kuleli zwe, asinike lona; izwe elichichima ubisi nezinyosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 14:8
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wangikhiphela endaweni ebanzi: wangikhulula, ngokuba ethokoza ngami.


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu wakho okwenamele wakubeka esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka ukuba ube yinkosi ukuze wenze ukwehlulela nokulunga.”


ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lokusanhlamvu nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini, izwe leminqumo, lamafutha amasha neloju, ukuba niphile, ningafi.’ “Futhi ningamlaleli uHezekiya, lapho enidukisa ethi: ‘USimakade uzosisindisa.’


basho nokusho bathi: “Makabeke indaba yakhe kuSimakade; Yena makamkhulule. Makamsindise ngoba uthokozile ngaye!”


Ngehlile ukuzobakhulula esandleni sabaseGibhithe, nokubakhuphula kuleli lizwe, ngibayise ezweni elihle nelibanzi, izwe elichichima ubisi noju, izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.


Akusayukuthiwa ngawe uNgoshiyiweyo, nezwe lakini alisayukuthiwa yiNcithakalo; kodwa uyobizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo; ngokuba uSimakade uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.


Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli lizwe, ngayo yonke inhliziyo yami, nangawo wonke umphefumulo wami.


USimakade uNkulunkulu wakho unawe, iqhawe eliyakukunqobisa. Uyakukujabulela kakhulu wena, athule othandweni lwakhe, akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”


Bambikela bathi: “Siyile ezweni obusithume kulo salihlola; ngempela lichichima ubisi noju; nazi izithelo zalo.


Futhi awusingenisile ezweni elichichima ubisi noju, awukasiniki ifa lethu lamasimu nezivini; usuzama ukukhohlisa laba bantu na? Ngeke neze sikhuphuke.”


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Nokho uSimakade wanamathela kokhokho benu, wabathanda, waziqoka nezizukulwane zabo emva kwabo, yebo, wakhetha nina phakathi kwezizwe zonke, njengoba kunjalo nanamuhla.


Ngakho-ke manje nginike leli lezintaba uSimakade akhuluma ngalo ngalolo lusuku, ngokuba nezwa ngalolo lusuku ukuthi ama-Anaki ayelapho nemizi emikhulu ebiyelweyo; mhlawumbe uSimakade uyakuba nami, ngiwaxoshe njengokusho kukaSimakade.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka