Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 14:3 - IsiZulu 2020

3 USimakade usiletheleni kuleli lizwe, ukuba sife ngenkemba na? Omkethu nabantwana bethu bayakuba yimpango, kungcono kithi ukuba siphindele eGibhithe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UJehova usilethelani kuleli zwe, siwe ngenkemba na? Omkethu nabancane bethu bayakuba yimpango; bekungengcono yini kithi ukubuyela eGibithe na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJehova usiletheleni kuleli zwe ukuba siwe ngenkemba, omkethu nabantwana bethu babe yimpango na? Bekungengcono yini ukuba sibuyele eGibithe na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 14:3
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Benqaba ukukulalela, abaze bazikhumbula izimangaliso owazenza phakathi kwabo, kepha baqinisa amakhanda, bazimisela ukubuyela ebugqileni. Kodwa Wena unguNkulunkulu othethelelayo; onomusa nesihe, uyephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu, ngakho-ke awuzange ubalahle,


Babemhlubuka kaningi kangakanani ehlane, bemdabukisa ogwadule!


Abantu bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi ngabe safa ngesandla sikaSimakade eGibhithe, lapho sasihlala ngasemabhodweni, sidle inyama nokunye ukudla sisuthe; kunokuba nisilethe lapha kuleli hlane, nizobulala lonke leli bandla ngendlala.”


Zathi kubo: “USimakade makanibheke anehlulele. Nisenze sanuka iququ phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabanika inkemba ezandleni zabo ukuba basibulale.”


nithi: ‘Qha, siyakuya eGibhithe, sihlale khona, lapho singayukuyibona khona impi nomsindo wayo nokukhala kwamacilongo, futhi lapho singayukwentula khona ukudla, silambe.’


“USimakade ukhulume kini nina nsali yakwaJuda, wathi: ‘Ningayi eGibhithe;’ impela yazini ukuthi ngiyanixwayisa namuhla.


“Bagobisele umnsalo wolimi emangeni, abaqinanga eqinisweni ezweni, ngokuba basuka kulobu bubi bedlulele kobunye; abangazi Mina,” kusho uSimakade.


kodwa inyanga yonke, ize iphume ngamakhala, niyitshokoze, niyenyanye, ngokuba nimlahlile uSimakade ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe, nathi: “Kungani kube nje, saphumelani eGibhithe na?” ’ ”


Kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elichichima ubisi noju ukuba sizofela lapha ehlane; usuzozenza umbusi phezu kwethu na?


Abantu balwa noMose, bakhuluma bathi: “Sengathi ngabe safa ngesikhathi kufa abafowethu phambi kukaSimakade.


Abantu bagxibha uNkulunkulu noMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibhithe ukuba sizofela ehlane na? Akukho sinkwa, namanzi lapha, futhi sesidiniwe yilesi sinkwa esiludlana.”


“Kepha okhokho abavumanga ukumlalela, kodwa bamsunduzela eceleni, babuyela emuva eGibhithe ngezinhliziyo zabo,


Izingane zenu, lezi ezingakwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, enathi zizoba yimpango, yizona eziyongena kulo, ngizolinika zona, zilidle.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka