Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 14:24 - IsiZulu 2020

24 Kepha inceku yami uKhalebhu, ngenxa yokuba enomoya owehlukile, futhi engilandele ngenhliziyo ephelele, ngiyomngenisa ezweni aye kulo, izizukulwane zakhe ziyakulidla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela ngokupheleleyo, yena ngiyakumngenisa ezweni aya kulo; inzalo yakhe iyakulidla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela nokungilandela, ngiyakumyisa ezweni aya kulo; nenzalo yakhe iyakulidla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 14:24
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Simakade, Nkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka noka-Israyeli, okhokho bethu, gcina lokhu njalo ezizindlweni zemicabango yenhliziyo yabantu bakho, uqondise inhliziyo yabo kuwe,


Abantu bajabula ngokunikela kwabo ngenhliziyo, ngokuba banikela ngenhliziyo epheleleyo kuSimakade; naye uDavide, inkosi, wajabula ngokujabula okukhulu.


Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade, nokho engakwenzi ngenhliziyo epheleleyo.


Ngizwe Simakade, ngikhala ngenhliziyo yami yonke; ngizozigcina izimiso zakho.


Inhliziyo yami mayibe msulwa ezimisweni zakho, ukuze ngingajabhi.


Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami.


UKhalebhu wabathulisa abantu, wathi kuMose: “Siyakwenyuka impela, silidle; akungabazeki ukuthi sizakulinqoba.”


abayukungena ezweni engafunga ngalo ukuthi ngiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune noJoshuwa, indodana kaNuni.


ngoba uSimakade wayekhulumile ngabo, wathi: “Impela bayofela ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune, noJoshuwa, indodana kaNuni.


Esefikile, wabona umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabagqugquzela bonke ukuba bazinikele ngenhliziyo, banamathele eNkosini.


Ningathengi amehlo njengabathokozisa abantu; kodwa njengezinceku zikaKhristu, yenzani intando kaNkulunkulu ngenhliziyo.


ngaphandle kukaKhalebhu indodana kaJefune. Nguyena kuphela oyolibona. Ngiyakumnika izwe anyathele kulo, yena nabantwana bakhe, ngokuba wamlandela ngokupheleleyo uSimakade wakhe.’


Mthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo wonke amandla akho.


Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi nikwenzela iNkosi, hhayi abantu,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka