Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 8:8 - IsiZulu 2020

8 Bafunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu, bawuhumusha ukuze abantu bawuqonde ukuthi uthini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Bafunda encwadini, emthethweni kaNkulunkulu, bephumisela kahle; bachaza, babaqondisa okufundwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Base befunda ngokucacile encwadini yomthetho kaNkulunkulu, bachaza incazelo, babenza baqonde okufundwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 8:8
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yenyukela endlini kaSimakade, bonke abantu bakwaJuda, nababakhe eJerusalema bekanye nayo, nabaphristi nabaphrofethi, yebo, bonke abantu, abancane nabadala, yafunda wonke amazwi encwadi yesivumelwano eyayitholakele endlini kaSimakade, bonke abantu bezwa.


“Incwadi enisithumelele yona ihunyushiwe ngafundelwa yona.


Bonke abantu bahamba bayokudla, baphuza, bapha abantulayo ukudla, bajabula kakhulu, ngokuba babekuzwile abakutshelwayo.


AbaLevi: uJeshuwa, uBhani, uSherebhiya, uJamini, u-Akhubhi, uShebhethayi, uHodiya, uMahaseya, uKhelitha, u-Azariya, uJozabhadi, uHanani noPhelaya, bachazela abantu umthetho; ngesikhathi abantu bemi endaweni yabo.


Abantu lapho bezwa amazwi omthetho, balila kodwa uNehemiya umbusi, no-Ezra umphristi nombhali, nabaLevi ababefundisa abantu bathi kubo: “Ningakhali, ningalili, ngokuba lolu lusuku lungcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu.”


Bama ezindaweni zabo, kwase kufundwa umthetho kaSimakade uNkulunkulu wabo, kwathatha ingxenye yosuku; ngenye ingxenye yosuku bavuma izono zabo, badumisa uSimakade uNkulunkulu wabo.


Isikhulu siyakuba nabo lapho bengena; kuthi uma sebephuma, siphume nabo.


USimakade wangiphendula wathi: “Bhala phansi umbono, uwenze ucace ezibhebheni ukuze owufundayo asheshe nawo.


Wayesebachazela konke okusemibhalweni ngaye, kusukela kuMose nakubaphrofethi bonke.


Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, ngesikhathi ekhuluma nathi endleleni, esichazela imibhalo na?”


Wayeseyivula imiqondo yabo ukuze bayiqonde imibhalo.


Sebemmisele usuku, baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaphrofethi, kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka