Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 8:10 - IsiZulu 2020

10 Wayesethi kubo: “Hambani nidle izibiliboco, niphuze newayini elimtoti, nabele nalabo abantulayo, ngokuba lolu lusuku olumiselwe uSimakade iNkosi yethu, ningabi lusizi, ngokuba intokozo eniyiphiwa nguSimakade iyinqaba yenu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Wayesethi kubo: “Hambani nidle okunonileyo, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho, ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wayesethi kubo: “Hambani nidle amanoni, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselelwanga lutho; ngoba lolu suku lungcwele eNkosini yethu; ngokuba intokozo kaJehova ingamandla enu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 8:10
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngosuku lwesishiyagalombili wabamukisa abantu, bayibusisa inkosi, babuyela emathendeni abo bejabula, bethokoza ngakho konke okuhle uSimakade akwenzile kuDavide, inceku yakhe, naku-Israyeli, abantu bakhe.


Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe; amandla nokuthokoza kusendaweni yakhe.


NabaLevi babaqinisa idolo, bathi: “Yekani ukukhala, ningabe nisadabuka, ngokuba namuhla lusuku olungcwele.”


Bonke abantu bahamba bayokudla, baphuza, bapha abantulayo ukudla, bajabula kakhulu, ngokuba babekuzwile abakutshelwayo.


Yingakho abaJuda abahlala emizaneni engaphandle kwemizi, nalabo abahlala emizaneni, umhla ziyishumi nane ngenyanga u-Adari kuwusuku lwentokozo nedili, neholide abaphana ngalo izipho zokudla.


Ngalezo zinsuku, abaJuda bakhululwa ezitheni zabo, ngenyanga lapho usizi lwabo lwaphenduka injabulo, ukulila kwabo kwaba yintokozo. Kwakumele kube yizinsuku zedili nentokozo, izinsuku zokuphana izipho ezingukudla, nezipho eziya kwabampofu.


U-Israyeli makathokoze ngoMenzi wakhe, abantwana baseZiyoni bethabele iNkosi yabo.


ngokuba Wena uyinkazimulo yamandla abo, udumo lwethu luyophakama ngomusa wakho.


Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle, kepha umoya owaphukileyo womisa amathambo.


Yipha abayisikhombisa isabelo sakho, kanjalo abayisishiyagalombili, ngokuba awazi ukuthi bubi buni obungahle behlele umhlaba.


Akukho okungcono okungenziwa ngumuntu ngaphandle kokuthi adle, aphuze, aneliseke ngomsebenzi wakhe. Nalokho futhi ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu,


futhi kuyisipho esivela kuNkulunkulu, asipha umuntu ukuba wonke umuntu adle, aphuze, athokozele wonke umshikashika wakhe.


Ngase ngiyabona ukuthi yini enhle nemnandi: ngukudla, ukuphuza, nokuthokozela wonke umshikashika awukhandlekele phansi komthunzi welanga, kulezi zinsukwana zokuphila uNkulunkulu amuphe zona, ngokuba kuyisabelo sakhe lokho.


Hamba, udle ukudla kwakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho uthokozile enhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu uvele ukuvumele lokhu okwenza manje.


Sengingenile esivandeni sami, dadewethu, makoti wami! Sengiyibuthile imure yami namakha ami, sengiwadlile amakhekheba ami noju lwami, ngaphuza iwayini lami nobisi lwami. Yidlani bangani, niphuze, niphuze neneliseke, zithandwa.


Manje uthi uSimakade owangibumba kwasesibelethweni, ukuba ngibe yinceku yakhe yokubuyisela kuye uJakobe, nokuba kuqoqelwe kuye u-Israyeli, ngokuba ngihloniphekile emehlweni kaSimakade. UNkulunkulu wami waba ngamandla ami.


Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.


Jabulani, bantu baseZiyoni, nithokoze kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unipha imvula yokuqala ngokulunga, uninisele imvula yokuqala neyakamuva ngenyanga yokuqala.


Wonke amabhodwe aseJerusalema nakwaJuda ayakwehlukaniselwa uSimakade Wamabandla. Bonke abahlabayo bayakufika, bathathe amanye, bayopheka ngawo. Ngalolo lusuku akuyukuba khona futhi othengisayo endlini kaSimakade Wamabandla.


Kepha-ke lokho okungaphakathi kupheni abampofu, konke kuzakube kuhlambulukile kini.


ngesikhathi esinzima sokuvivinywa, ukuthokoza kwawo kwavama ngisho esebuphofini obukhulu, kunalokho kwanda ukuphana okukhulu kuwo.


nakuba bengingethembela enyameni. Uma kukhona ocabanga ukuthi unesizathu sokwethembela enyameni, mina ngineziningi.


Abakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelelane izipho, ngokuba laba baphrofethi ababili bebahluphile abakhileyo emhlabeni.


Buza izinsizwa zakho, zizokutshela; ngakho-ke izinsizwa zami mazifumane umusa emehlweni akho, ngokuba sifike ngosuku oluhle. Ake uziphe izinceku zakho nendodana yakho uDavide, noma yini onayo.’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka