Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 6:10 - IsiZulu 2020

10 Ngelinye ilanga ngavakashela uShemaya, indodana kaDelaya owayezalwa nguMehethabheli. UShemaya wayengaphumi emzini wakhe. Waphrofetha wathi: “Masihlangane endlini kaNkulunkulu, ngaphakathi ethempelini, sihluthulele iminyango yalo, ngokuba bayeza ukuzokukubulala. Impela bazofika ngalobu busuku ukuzokukubulala.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngase ngiya endlini kaShemaya indodana kaDelaya kaMehetabeli owayezivalele. Wathi: “Masihlangane endlini kaNkulunkulu phakathi kwethempeli, sivale iminyango yethempeli, ngokuba bayakufika ukukubulala, yebo, ebusuku bayakufika bakubulale.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngase ngifika endlini kaShemaya indodana kaDelaya indodana kaMehetabeli eboshiwe; wathi: “Masibuthane endlini kaNkulunkulu, phakathi kwethempeli, sivale iminyango yethempeli, ngokuba bayakuza ukukubulala; yebo, ebusuku bayakuza ukukubulala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 6:10
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wakhothama noBhali Hanana, indodana ka-Akhibhori, kwase kubusa uHadari. Igama lomuzi ayebusa kuwo kwakuthiwa yiPhawu; igama lendlovukazi kunguMehethabheli, indodakazi kaMathiredi, owayeyindodakazi kaMezahabhi.


Ngasodongeni lwendlu wakha izimpondo nxazonke, ngasezindongeni zendlu nxazonke, ethempelini nasegumbini; wenza amakamelo asezinhlangothini nxazonke;


UJowashi wahlala efihlwe lapho endlini kaSimakade iminyaka eyisithupha, ngesikhathi izwe libuswa ngu-Athaliya.


Yonke indlu ka-Ahabi iyakubhujiswa; ngiyoqothula wonke owesilisa ka-Ahabi kusukela komncane kuya komdala.


U-Ahazi waqoqa zonke izinto zendlu kaNkulunkulu wazinqamula, wavala iminyango yendlu kaSimakade, wazenzela ama-althare kuwo wonke amagumbi eJerusalema.


Ngonyaka wokuqala wokubusa kwakhe, ngenyanga yokuqala, wavula iminyango yendlu kaSimakade, wayilungisa.


Bavala nezivalo zompheme, bacima izibani, abayishisanga impepho, abanikelanga ngeminikelo yokushiswa endaweni engcwele kuNkulunkulu ka-Israyeli.


Kwabozalo lukaHarimi: ngu-Eliyezeri, uJishiya, uMalikhiya, uShemaya, uShimeyoni,


Ngase ngithumela, ngabiza u-Eliyezeri, u-Ariyeli, uShemaya, u-Elinathani, uJaribi, u-Elinathani, uNathani, uZekhariya noMeshulamu ababengabaholi, uJohiyaribhi no-Elinathani ababengabafundisayo,


Ngabona ukuthi wayengathunywanga nguNkulunkulu, kodwa wayeqashwe nguThobiya noSanibhalathi ukuba asho leso siphrofetho ngami.


Bakhuluma amanga, omunye kumakhelwane wakhe, ngezindebe ezithophayo, nangezinhliziyo ezimbaxambili, bayakhuluma.


Omubi umsongela okubi olungileyo, amququdele amazinyo.


Ukukhuluma komuntu ongenabunkulunkulu kuyambulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bakhululwa ngolwazi.


UJeremiya wamyala uBharukhi, wathi: “Mina ngivalelwe, angikwazi ukuya endlini kaSimakade.


UMoya wawusungena kimi, wangimisa ngezinyawo. Wakhuluma kimi, wathi: “Hamba uzivalele endlini yakho.


“Sengathi bekungakhona omunye wenu ongavala izicabha, ukuze ningalibaseli ize e-althare lami! Angithokozi ngani, angiyukuwemukela umnikelo ezandleni zenu,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Xwayani abaphrofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.


Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi, uyakuzonda ukukhanya; akezi ekukhunyeni, funa imisebenzi yakhe idaluleke.


Umuzi wonke wanyakaziswa, abantu babuthanela ndawonye, bambamba uPawula, bamhudulela ngaphandle kwethempeli; iminyango yavalwa ngokuphazima kweso.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka