Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 3:16 - IsiZulu 2020

16 Ingxenye elandelayo yayize iyofika ngaphambi kwedlinza likaDavide, kuya echibini nendlu yamaqhawe, kwakhiwa nguNehemiya, indodana ka-Azibhuki, umbusi wengxenye yesifunda iBhethi Zuri.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Emva kwakhe kwalungisa uNehemiya indodana ka-Azibuki, umbusi wenxenye yesifunda saseBeti Suri, kwaze kwaba sendaweni malungana namathuna kaDavide, nasechibini elimbiweyo, naseNdlini Yamaqhawe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Emva kwakhe kwalungisa uNehemiya, indodana ka-Ashibuki, umbusi wenxenye yeBeti-Suri, kwaze kwaba maqondana namathuna kaDavide, nasedamu elalakhiwe lapho, nasendlini yamaqhawe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 3:16
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ezinye izindaba zikaHezekiya, nawo wonke amandla akhe, nokwenza kwakhe ichibi nomsele, nokungenisa kwakhe amanzi emzini, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?


Indodana kaShamayi: kwakunguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBhethi Zuri.


iBhethi Zuri, iSoko, i-Adulamu,


Bamngcwaba ethuneni lakhe ayeziqophele lona emzini kaDavide. Bambeka endaweni yokulala egcwele iphunga elimnandi namakha anhlobonhlobo ayexutshwe alungiswa ngokwenza komthaki. Bashisa impepho eningi kakhulu.


Ngaqhubekela eSangweni Lomthombo naseChibini Lenkosi, kodwa kwakungasekho ndlela yokuba isilwane engangigibele kuso siqhubeke.


Ingxenye elandelayo yakhiwa nguShalumi, indodana kaHaloheshi, umbusi wenye ingxenye yesifunda eJerusalema. Amadodakazi akhe amsiza kulowo msebenzi.


ISango Lomquba lakhiwa kabusha nguMalikhija, indodana kaRekhabhi, umbusi wesifunda eBhethi Hakhiheremi. Wamisa amasango ezindaweni zawo, wafaka imigoqo nezihluthulelo.


Laba baLevi abalandelayo bakha kabusha izingxenye ezithile zogange: uRehumi, indodana kaBhani, wakha ingxenye elandelayo; uHashabhiya, umbusi wengxenye yesifunda iKheyila, wakha ingxenye elandelayo, enzela isifunda sakhe.


Ingxenye elandelayo yakhiwa nguRefaya, indodana kaHuri, umbusi wengxenye yesifunda eJerusalema.


Ngazakhela amachibi okunisela amahlathi okwakumile kuwo izihlahla.


Bheka, umbhede wakhe ngokaSolomoni! Uzungezwe ngamaqhawe angamashumi ayisithupha emaqhaweni ka-Israyeli.


Nakhe indawo yokugcina amanzi phakathi kwezindonga ezimbili, ukugcina amanzi echibi elidala. Kodwa anibhekanga kulowo owalenzayo, animnakanga lowo okade wanquma ukulenza.


Nabona ukuthi miningi imifantu emzini kaDavide, nase niyokha amanzi echibini elisezansi.


USimakade wathi ku-Izaya: “Hamba uyobona u-Ahazi, wena noSheyari Jashubhi, indodana yakho, ungasekugcineni komsele wechibi elingenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi.


“Madoda, bazalwane, ake ngisho lokhu kini ngesibindi mayelana nokhokho uDavide, ukuthi wafa, wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona nanamuhla.


IHalihuli, iBhethi Zuri, iGedori,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka