Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 2:3 - IsiZulu 2020

3 Ngaphendula ngathi enkosini: “Mana njalo, nkosi! Kungenzeka kanjani ukuba ubuso bami bungadangali, lapho umuzi oyindawo yamathuna okhokho uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngathi enkosini: “Mayime njalo inkosi; ubuso bami bungebiphe ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba, uchithekile namasango awo eshiswe ngomlilo, na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wathi enkosini: “Inkosi mayiphile kuze kube phakade; ubuso bami bungabi buhlungu ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba, uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo, na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 2:3
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UBhathi Sheba wayesekhothama wathi mbo ngobuso bakhe phansi, wakhuleka enkosini, wathi: “Mana njalo, nkosi yami, nkosi Davide.”


Ngenyanga yesihlanu, ngosuku lwesikhombisa lwayo, okwakungunyaka we-19 wenkosi uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, kwafika eJerusalema uNebuzaradani, induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBhabhele.


Waqala ukubusa eneminyaka engama-32, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema. Wangcwatshwa engazange akhalelwe muntu. Bamngcwaba emzini kaDavide, kodwa hhayi emadlinzeni amakhosi.


U-Ahazi walaliswa kokhokho bakhe, bammbela emzini iJerusalema, ngokuba abamyisanga emadlinzeni amakhosi akwa-Israyeli. UHezekiya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


UHezekiya wayesekhothama, bamngcwaba emmangweni wamadlinza ozalo lukaDavide, wonke uJuda nezakhamuzi zaseJerusalema bamhlonipha emngcwabeni wakhe. UManase, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Bayishisa indlu kaNkulunkulu, baludiliza ugange eJerusalema, bazishisa zonke izigodlo ngomlilo, babhubhisa zonke izitsha zakhona ezinxanelekayo.


Baphendula bathi: “Abasala esifundazweni sakwaJuda, abaze bathunjwa, basenkathazweni enkulu nasehlazweni; izingange zeJerusalema zidilizelwe phansi, namasango alo ashiswe ngomlilo.”


Ngaphuma ebusuku ngeSango Lesigodi, ngahamba ngaseningizimu yoMthombo KaDrago, ngaze ngayofika eSangweni Lomquba, ngazihlola izingange eJerusalema ezazibhidlizelwe phansi namasango alo ayeshiswe ngomlilo.


Ngingakumela kanjani ukubona ububi behlela abantu bakithi na? Ngingakumela kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?”


Ngokuba izinceku zakho ziyathokoza ngamatshe alo, ziyadabuka ngothuli lwalo.


Yikhona abezizwe bezolesaba igama likaSimakade, namakhosi wonke omhlaba, inkazimulo yakho.


Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami, uma ngingakukhumbuli, uma ngingaphakamisi iJerusalema phezu kwentokozo yami enkulu.


Ukhalo lwami luyaqaqamba, akukho mpilo emzimbeni wami.


Ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga, okwakungunyaka we-19 wokubusa kwenkosi uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, kwafika eJerusalema uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBhabhele.


Amasango alo abishe emhlabathini; usakaze, waphoqoza imigoqo yalo. Inkosi nababusi sebephakathi kwezizwe, akasekho ofundisa umthetho, nabaphrofethi abasaboni mbono ovela kuSimakade.


Ayesekhuluma amaKhaledi enkosini ngesi-Aramu, athi: “Mana njalo, nkosi; yisho ezincekwini zakho iphupho, thina silichaze.”


Akhuluma athi kuNebukhadinezari, inkosi: “Phila kade, nkosi.


Ngenxa yamazwi enkosi nawezinduna zayo kwase kungena indlovukazi endlini yedili, yakhuluma yathi: “Mana njalo, nkosi; imicabango yakho mayingakwesabisi, kungaguquki ukucwebezela kwakho.


UDaniyeli wathi enkosini: “Mana njalo, nkosi.


Base bebuthana labo mengameli nezikhulu baya enkosini beyisixuku, basho lokhu kuyo, bathi: “Phila kade, nkosi Dariyu.


Ngiyakuyenza imizi yenu ukuba ibhidlizwe, ngizenze izindawo zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angiyukuhogela unqambothi lwephunga lenu elimnandi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka