UNehemiya 2:20 - IsiZulu 202020 Ngabathumelela impendulo ethi: “UNkulunkulu wezulu uzosiphumelelisa, thina zinceku zakhe sizosukuma, siqale sakhe kabusha, kodwa nina aninasabelo, nalungelo, nanto eyisikhumbuzo eJerusalema.” Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE20 Ngase ngibabuyisela amazwi, ngathi kubo: “UNkulunkulu wezulu uyakusiphumelelisa; ngalokho thina zinceku zakhe siyakusuka sakhe, kepha nina aninasabelo, nalungelo, nasikhumbuzo eJerusalema.” Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 202420 Ngabaphendula ngathi kubo: “UNkulunkulu wezulu nguyena oyakusiphumelelisa; ngakho-ke thina, zinceku zakhe, siyakusukuma sakhe; kodwa aninasabelo nalungelo nasikhumbuzo eJerusalema. Uka jalj uñjjattʼäta |
“Zonke izikhulu zenkosi nalezo ezihlala ezifundazweni ziyazi ukuthi noma ngabe ngowesilisa noma ngowesifazane ongena egcekeni lenkosi elingaphakathi engabiziwe yiyo, ubhekana namthetho munye ofanayo wokuba abulawe, ngaphandle uma inkosi imkhombe ngentonga yayo yegolide, lowo angaphila. Kodwa mina ayingibizile inkosi kulezi zinsuku ezingama-30.”