Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 2:12 - IsiZulu 2020

12 Ngavuka ebusuku, ngahamba namanye amadoda; angitshelanga muntu ngalokho uNkulunkulu wami ayekubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema. Angithathanga silwane ngaphandle kwaleso engangisigibele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngavuka ebusuku, mina nabantu abathile abayingcosana; angitshelanga muntu lokho uNkulunkulu akubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema; futhi kwakungekho silwane nami ngaphandle kwesilwane engangikhwele kuso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngavuka ebusuku, mina namadoda ambalwa kanye nami; angitshelanga muntu lokho uNkulunkulu wami abekubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele eJerusalema; futhi kwakungekho silwane kimi ngaphandle kwesilwane engangisigibele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 2:12
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Makadunyiswe uSimakade, uNkulunkulu wokhokho bethu, obeke into enje enhliziyweni yenkosi, ukuba ihlobise indlu kaSimakade eJerusalema ngale ndlela,


Ngafika eJerusalema ngahlala khona izinsuku ezintathu.


Ngaphuma ebusuku ngeSango Lesigodi, ngahamba ngaseningizimu yoMthombo KaDrago, ngaze ngayofika eSangweni Lomquba, ngazihlola izingange eJerusalema ezazibhidlizelwe phansi namasango alo ayeshiswe ngomlilo.


Khulekelani ukuthula kweJerusalema: “Abakuthandayo mabaphumelele.


IZiyoni lenzele okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange eJerusalema.


Umuntu ohlakaniphileyo uyalufihla ulwazi, kepha izinhliziyo zeziwula ziphafuza ubuwula.


isikhathi sokudabula, nesikhathi sokuthunga; isikhathi sokuthula, nesikhathi sokukhuluma;


“Kepha yilesi isivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli, emveni kwalezo zinsuku,” kusho uSimakade: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esimi phakade, ngingayeki ukubenzela okuhle, ngiyakubeka ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.


Ngakho-ke ohlakaniphileyo uyakuthula ngaleso sikhathi, ngokuba yisikhathi esibi.


Ningathembeli kumakhelwane, ningakholwa ngumngani. Qaphela okukhuluma ngomlomo wakho kulowo olala esifubeni sakho.


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Wavuka khona ebusuku wathatha umntwana nonina, baya eGibhithe.


Kepha makabongwe uNkulunkulu obeke enhliziyweni kaThithu le nkuthalo ngani,


UJoshuwa wabathelekela bengazelele; kwazise wayehambe ubusuku bonke esuka eGiligali.


Ngokuba uNkulunkulu ufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zifeze okuyisinqumo sakhe, zikwenze zimqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu.


UGideyoni wathatha izinceku zakhe ezilishumi, wenza njengalokhu uSimakade emtshelile, kodwa ngenxa yokuba wayesaba abomndeni wakubo nabantu bomuzi, kakwenzanga lokhu emini, kodwa ebusuku.


Ngakho-ke hambani ebusuku, wena namabutho anawe niyocutha endle.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka