Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 13:15 - IsiZulu 2020

15 Ngalezo zinsuku ngabona abantu kwaJuda bekhama amagilebhisi ngeSabatha. Abanye babethwese izimbongolo zabo okusanhlamvu, iwayini, amagilebhisi, amakhiwane nezinye izinto, bekuyisa eJerusalema; ngabexwayisa ukuthi bangathengisi lutho ngeSabatha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda abanyathela izikhamo zewayini ngesabatha nabaletha izithungu zamabele, bethwesa izimbongolo, newayini, nezithelo zewayini, namakhiwane, nemithwalo yonke, bekungenisa eJerusalema ngosuku lwesabatha; ngabaxwayisa ngosuku abathengisa ngalo lokho kudla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda ukuthi abanye banyathela izikhamo zewayini ngesabatha, baletha izithungu, balayishe izimbongolo; kanye newayini, namagilebhisi, namakhiwane, nayo yonke inhlobo yemithwalo abayiletha eJerusalema ngosuku lwesabatha; futhi ngafakaza ngokumelene nabo ngosuku abathengisa ngalo ukudla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 13:15
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wathumela abaphrofethi phakathi kwabo ukuba bababuyisele kuye, babaxwayisa, kodwa abazange balalele.


Uma abezizwe besilethela okuthengisayo noma yini okusanhlamvu ngesabatha, asiyukukuthenga ngesabatha noma ngaluphi usuku olungcwele, futhi asiyukuvuna ngonyaka wesikhombisa; sesule zonke izikweletu ngalowo nyaka.


“Siyazibophezela ukuthi njalo ngonyaka, siyonikela ingxenye yesithathu yeshekeli, ibe ngeyomsebenzi wendlu kaNkulunkulu wethu,


Kwakukhona futhi idlanzana labantu baseThire, ababehlala eJerusalema, bethengisa izinhlanzi nokunye, bekuthengisela abantu bakwaJuda emzini ngeSabatha.


kodwa ngabenqabela, ngathi: “Yini eyenza nibe seceleni kogange ebusuku na? Uma niphinda nikwenza lokho ngizonibopha.” Kusukela ngalolo suku abaphindanga balala lapho ngasogangeni ebusuku.


Wabexwayisa ukuba babuyele emthethweni wakho, kodwa baba nenkani, abaze bayilalela imiyalelo yakho nezehlulelo zakho. Bona bephula izimiso zakho, okuthi uma umuntu ezigcina aphile. Bakufulathela, baqinisa amakhanda, benqaba ukukulalela.


Ungayethemba yini ukuthi ingayibuyisa imbewu yakho, iyibuthele esibuyeni sakho na?


“Lalelani, bantu bami, ngizokhuluma, Israyeli, ngizomelana nani. NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.


Ngakho-ke abantu bakwa-Israyeli bayoligcina isabatha, bayoligcina izizukulwane ngezizukulwane njengesivumelwano saphakade.


“Uyosebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa. Uyophumula ngisho nangesikhathi sokulima nesokuvuna.


niyosebenza izinsuku eziyisithupha, kodwa ngosuku lwesikhombisa niyokuba neSabatha likaSimakade elingcwele lokuphumula, yilowo nalowo owenza umsebenzi ngalo uyobulawa.


Abalahla umthetho batusa izikhohlakali, kepha abagcina umthetho balwa nazo.


“Uma uzinqanda ekungcoliseni isabatha, ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele; isabatha ulibize ngokuthi yintokozo, nosuku olungcwele lukaSimakade ngokuthi luhloniphekile, uluhloniphe; ungahambi ngezindlela zakho, wenza okuthandwa nguwe noma imisebenzi yakho,


Kuyakuthi uma ningilalelisisa,” kusho uSimakade, “ningangenisi mthwalo emasangweni alo muzi ngosuku lwesabatha, kepha nilungcwelise usuku lwesabatha, ukuze ningenzi noma yimuphi umsebenzi ngalo,


Kepha uma ningangilaleli nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo nxa ningena emasangweni eJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyophemba umlilo emasangweni alo, oyongqongqisa izinqaba zeJerusalema, futhi ongenakucinywa.” ’ ”


“USimakade ukhulume kini nina nsali yakwaJuda, wathi: ‘Ningayi eGibhithe;’ impela yazini ukuthi ngiyanixwayisa namuhla.


“ ‘Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; ayihambanga ngezimiso zami, yazilahla izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; amasabatha ami yawangcolisa kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ulaka lwami phezu kwabo ehlane, ngibaqothule.


nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwesa kwenyanga ukuze sithengise ngokusanhlamvu, kudlule nesabatha ukuze sithengise ngokolo na? Senze i-efa libe lincane, neshekeli libe likhulu, senze nezilinganiso zenkohliso,


“Bantu bami, ngenzeni kinina na? Nginikhathaze ngani na? Ngiphenduleni.


Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, ebancenga ethi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esonakeleyo.”


Ngifakaza kubaJuda nakumaGriki ukuba baphendukele kuNkulunkulu nokuba bakholwe yiNkosi yethu uJesu.


Ngiyaphinda ngiyafakaza kubantu bonke ukuthi osokayo uphoqelekile ukuba awufeze wonke umthetho.


Ngakho-ke ngiyafakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ngobuze bengqondo yabo,


“Ngiyanexwayisa namuhla ukuthi uma nje nike namkhohlwa uSimakade uNkulunkulu wenu, nalandela abanye onkulunkulu, nabakhonza, nakhuleka kubo, niyakubhubha nokubhubha.


ukuze kungabi bikho noyedwa owonayo ngalokhu, aphambe umfowabo; ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambilini, futhi sagcizelela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka