UNehemiya 13:12 - IsiZulu 202012 Bonke abantu bakwaJuda base beqala futhi ukunikela okweshumi kokusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, kwafakwa ezinqolobaneni. Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE12 Wonke uJuda wayeseletha okweshumi kwamabele, nokwewayini, nokwamafutha engcebeni. Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 202412 Wonke uJuda wayeseletha okweshumi kukakolweni, newayini, nokwamafutha endlini yengcebo. Uka jalj uñjjattʼäta |
Ngalolo lusuku kwaqokwa amadoda okuqapha amagumbi lapho kwakugcinwe khona izipho ethempelini; izithelo zokuqala, nokweshumi kwamabele, nokwezithelo, minyaka yonke. Lawo madoda ayehambele yonke imizi ukuyoqoqa umkhiqizo owawunikelelwa ukunakekela abaphristi nabaLevi, njengalokhu kubhaliwe emthethweni. Bonke abantu bakwaJuda babewuthokozela umsebenzi owenziwa ngabaphristi nabaLevi,