Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 13:1 - IsiZulu 2020

1 Ngalolo lusuku abantu bafundelwa incwadi yomthetho kaMose, kwafika endaweni lapho okwakubhalwe khona ukuthi akukho muntu wakwa-Amoni noma wakwaMowabi okufanele avunyelwe nanini ukuba yingxenye yebandla labantu bakaNkulunkulu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngalolo suku kwafundwa encwadini kaMose ezindlebeni zabantu; kwafunyanwa kulotshiwe kuyo ukuthi owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaNkulunkulu kuze kube phakade,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngalolo suku bafunda encwadini kaMose ezindlebeni zabantu; futhi kwatholakala kulo ukuthi abakwa-Amoni nabakwaMowabi abayikungena ebandleni likaNkulunkulu kuze kube phakade;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 13:1
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yenyukela endlini kaSimakade, bonke abantu bakwaJuda, nababakhe eJerusalema bekanye nayo, nabaphristi nabaphrofethi, yebo, bonke abantu, abancane nabadala, yafunda wonke amazwi encwadi yesivumelwano eyayitholakele endlini kaSimakade, bonke abantu bezwa.


Ngalezo zinsuku, ngabona abanye abaJuda abasebeganwe ngabesifazane base-Ashidodi, kwa-Amoni nakwaMowabi.


Kodwa lapho uSanibhalathi, umHoroni noThobiya, inceku yakwa-Amoni, bezwa ukuthi kufike umuntu ozosebenzela inhlalakahle ka-Israyeli, bacunuka kakhulu.


Kwathi lapho uSanibhalathi umHoroni, uThobiya inceku engumAmoni, noGeshemi umArabhu bekuzwa lokho, basihleka usulu besibhinqa, bethi: “Nenzani nje nempela na? Senivukela inkosi na?”


UThobiya, umAmoni, wema eduze kwakhe wakloloda, wathi: “Ngisho bengazakha kabusha lezi zingange, uma kukhwela impungushe phezu kwazo ziyomane ziziwele!”


Kwakulusuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa. U-Ezra, umphristi, wayiletha incwadi yomthetho phambi kwebandla, abesilisa, nabesifazane nabo bonke ababezwa, baqonde.


Bama ezindaweni zabo, kwase kufundwa umthetho kaSimakade uNkulunkulu wabo, kwathatha ingxenye yosuku; ngenye ingxenye yosuku bavuma izono zabo, badumisa uSimakade uNkulunkulu wabo.


Funani encwadini kaSimakade, nifunde; akukho nokukodwa kwalokhu okungeyukuvela, ayikho engeyukuba namngani. Ngokuba uyalezile ngomlomo wakhe, noMoya wakhe wakuhlanganisa.


Mayelana noMowabi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maye, kulo iNebho, ngokuba liyakubhujiswa, lithelwe ngehlazo, libanjwe iKiriyathayimi, ngokuba liyakuthelwa ngehlazo, izinqaba zalo zibe yimvithi!


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantu bakwa-Amoni, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba baqaqe abesifazane abakhulelweyo bakwaGiliyadi ukuze bandise imingcele yabo.


Wathumela izithunywa kuBhileyamu, indodana kaBheyori, owayesePhethori ngasemfuleni ezweni labantwana babantu bakhe, ukuyombiza zithi kuye: “Bheka, kunoquqaba lwabantu, abaphuma eGibhithe asebegcwele yonke indawo, futhi sebehleli eduze kwami.


Wathi kuso: “Kulotshweni emthethweni na? Uwufunda kanjani na?”


Kuthe usufundiwe umthetho nabaphrofethi, abaphathi besinagoge bathumela kubo, bathi: “Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokugqugquzela abantu, likhulumeni.”


Ngokuba kusukela ezizukulwaneni zasendulo, kuyo yonke imizi, bakhona abashumayela ngoMose, ngokuba kuyafundwa masabatha wonke, kuwo wonke amasinagoge.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka