Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNahume 2:2 - IsiZulu 2020

2 Ngokuba uSimakade uyakubuyisa udumo lukaJakobe njengodumo luka-Israyeli, abacekela phansi babaqothulile, bashabalalisa namagatsha abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokuba uJehova uyabuyisa ukuphakama kukaJakobe njengokuphakama kuka-Israyeli, lokhu abathululayo bebathululile, bachitha amagatsha emivini yabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba uJehova ujikile inkazimulo kaJakobe njengenkazimulo ka-Israyeli, ngokuba abathululi babathululile, balimaza imivini yabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNahume 2:2
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo. Sela


“Nakuba bewushiyiwe, uzondwa, kungasekho muntu odabula kuwe; ngiyakukwenza ube yisivunulo saphakade, nentokozo yezizukulwane ngezizukulwane.


Bheka, ngizoqala ukwehlisa inhlekelele phezu komuzi obizwa ngegama lami, pho nina niyakukugwema kanjani ukujeziswa na? Aniyukuyekwa ningajeziswa, ngokuba ngibiza inkemba kubo bonke abakhileyo emhlabeni,’ kusho uSimakade Wamabandla.


“UMowabi ubephumule kwasebusheni bakhe, ephumule njengenzika yewayini; akathululwanga esitsheni, ethululelwa kwesinye; akayanga ekuthunjweni, ngakho-ke usanambitheka njengoba enjalo, nephunga lakhe aliguquki.


Uma kufika kuwe abavuni bamagilebhisi, abayukushiya mkhothozo yini na? Uma kutheleka amasela ebusuku, awayukuntshontsha yini lokho akudingayo na?


Khuluma kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakubathatha abakwa-Israyeli ezizweni lapho baya khona, ngibaqoqe nxazonke, ngibayise ezweni lakubo.


Abasayukuzingcolisa ngezithombe zabo, ngokunengekayo kwabo, nangesisodwa seziphambeko zabo, kepha ngiyakubasindisa kukho konke ukuhlubuka kwabo abone ngakho, ngibahlambulule babe ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wabo.


U-Israyeli wayengumvini owenabileyo, wathela izithelo zakhe eziningi, ngokwanda kwesithelo sakhe wandisa ama-althare akhe; kwathi ngokuchuma kwezwe lakhe wenza izinsika ezingcwele.


Alisenalutho, kukhala ibhungane, futhi liyincithakalo, inhliziyo iyancibilika, kushayana amadolo, izinhlungu zikhungethe lonke ukhalo, nobuso babo bonke buphaphathekile.


Zikhelele amanzi ngoba uzovinjezelwa, uqinise izinqaba zakho; uxove udaka, ubumbe izitini.


Ngalolo lusuku awuyukuba namahloni ngazo zonke izenzo zakho owahlubuka ngazo kimi, ngokuba ngiyakususa kuwe abajabulela ukuzigqaja kwabo; awusayukuphinde uzikhukhumeze futhi entabeni yami engcwele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka