Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNahume 1:8 - IsiZulu 2020

8 Kepha ngesikhukhula esiqongile uyakushabalalisa indawo yakhona, izitha zakhe azixoshele ebumnyameni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha ngesikhukhula esiphuphumayo uyakuqeda indawo yakhona, axoshele izitha zakhe ebumnyameni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kodwa ngozamcolo okhukhulayo uyakuqeda indawo yawo, axoshe izitha zawo ubumnyama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNahume 1:8
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngikhungethwe yingebhe; udumo lwami luxoshwa sengathi lupheshulwa ngumoya, impumelelo yami inyamalele njengefu.


Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho, ubabheke bonke abazidlayo, ubathobise.


Indlela yezikhohlakali injengobumnyama; abazi nokuthi bakhutshwa yini.


Ngokuba izinkanyezi zezulu nomthala akuyukukhanya; ukukhanya kwakho kuyofiphala, ilanga liyoshona entathakusa, nenyanga lapho iphuma ayiyukukhanya.


Bheka, usuku lukaSimakade luyeza; luwusuku lolunya, nentukuthelo nolaka oluvuthayo, ukuchitha umhlaba, nokubhubhisa zonke izoni ezikuwo.


Ubulungiswa ngizobenza umucu wokukala, ukulunga kube ngumthofu wokuqondisa, isichotho siyophephetha inqaba yamanga, amanzi akhukhule umpheme.


Isivumelwano senu nokufa siyochithwa, ukuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuseyukuma; lapho isiswebhu esikhukhulayo sedlula, siyonifihliza.


INkosi inalowo oqinileyo nonamandla, ngesandla sakhe uyogumbuqela umhlaba njengesivunguvungu esinesichotho, nesiphepho esichithayo, namanzi anamandla akhukhulayo.


Bayobheka nasemhlabeni; babone kuphela inhlupheko, ubumnyama, nokuphelelwa yithemba, bayakuxoshelwa esigayegayeni.


Mnikeni uSimakade uNkulunkulu wenu udumo, engakabulethi ubumnyama, zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwalala, niyokuthi nisabheke ukukhanya akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye sobumnyama.


uthi: ‘IBhabhele liyakushona kanjalo-ke, lingabe lisavuka ngenxa yenhlekelele engiyoyehlisela kulo. Abantu bakhona bayakuphelelwa ngamandla.’ ” Aphela lapha amazwi kaJeremiya.


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakudedela isivunguvungu ngentukuthelo yami, nemvula enezikhukhula ngolaka lwami, kwehle isichotho ngolaka oluqothulayo.


Amadodana ayo ayakuhloma, abuthe isixuku sezimpi eziningi; ziyakufika nokufika, zikhukhule, zidlule; ziyakubuya, zilwe kuze kube senqabeni yayo.


Ngamandla esifufula bayakukhukhulwa ebusweni bakhe, babhujiswe, yebo, nesikhulu sesivumelwano.


“Ngesikhathi sokugcina inkosi yaseningizimu iyakulwa nayo; inkosi yasenyakatho iyakuza kuye njengesishingishane inezinqola, nabamahhashi, nemikhumbi eminingi, iyakungena ngaphakathi ezweni, ikhukhule, idlule.


Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.


“Umhlaba awuyukuzamazama yini ngenxa yalokho, balile bonke abahlala kuwo na? Impela, uyakukhukhumala wonke njengomfula, uqonge, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe.


Isiphrofetho ngeNineve. Incwadi yombono kaNahumi wase-Elikoshi.


Kepha iNineve lifana nechibi lamanzi kusukela ezinsukwini zalo, nokho bayabaleka. Yimani, yimani! Kodwa akukho namunye ophendukayo.


Uyakwelulela isandla sakhe enyakatho, abhubhise i-Asiriya, iNineve alenze libe yincithakalo, lome njengehlane.


Yafika imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya; zayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!”


Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ngaphandle ebumnyameni obungayiwa; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka