Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 9:2 - IsiZulu 2020

2 Isiphetho sabo bonke siyefana: abalungile nabangalungile, abahle nababi, abahlanzekile nabangcolile, abethula imihlatshelo nabangayethuli. Njengoba enjalo umuntu olungileyo, sinjalo nesoni; nanjengoba enjalo ofungayo, unjalo nobalekela isifungo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Konke kungabehlela bonke, olungileyo nomubi, omuhle nohlambulukileyo nongcolileyo, onikela ngomhlatshelo nongenawo umhlatshelo, omuhle abe njengesoni, ofungayo njengowesaba isifungo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Konke kwenzeka kubo bonke ngokufanayo: esinye isenzakalo ngesolungileyo nesinye ngesomubi; kwabahle nabahlanzekileyo nabangcolile; konikelayo nakulowo ongahlabiyo: njengomuhle, unjalo nesoni; nofungayo njengowesaba isifungo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 9:2
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngizakukufungisa phambi kukaSimakade uNkulunkulu wezulu nomhlaba, ukuthi ngeke uyithathele indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani, esihlala phakathi kwawo.


Ngakho-ke konke kuyafana, yingakho ngithi: ‘Ubhubhisa omsulwa nesikhohlakali.’


Ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ababi bephumelela.


Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.


Ngokuba okuvelela abantu kuyafana nokwehlela izilwane; njengoba umuntu efa, kanjalo nesilwane siyafa. Konke kunomoya ofanayo, umuntu akazedluli izilwane, ngokuba konke kuyize.


Ngisho angaphila iminyaka eyinkulungwane ephindwe kabili, kepha engehlelwa ngokuhle, kanti bonke abayi yini endaweni eyodwa na?


Kuhle ukuthi ukubambe lokhu; ungasisusi isandla sakho kukho, ngokuba owesaba uNkulunkulu uyaphumelela kukho konke.


Kungcono ukuya endlini yabalilayo, kunokuya endlini lapho kunedili khona, ngokuba lokho kuyisiphetho sabo bonke, abaphilayo mabakugcine lokhu enhliziyweni.


Kukhona okunye engakubona phansi komthunzi welanga: umncintiswano wokugijima awuyi ngajubane, nempi akusiyo eyabanamandla, nakudla kohlakaniphileyo, namcebo, nampumelelo kwabanamakhono, kodwa isikhathi nethuba kubehlela bonke.


Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo.


abesilisa, abesifazane, izingane, amadodakazi enkosi, bonke abantu uNebuzaradani, induna yabalindi, ayebashiye kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, uJeremiya umphrofethi, noBharukhi indodana kaNeriya,


Kodwa manje sesithi babusisiwe abaziqhenyayo, impela labo abenza okubi bayaphumelela; nalabo abalinga uNkulunkulu bayaphunyuka.’ ”


Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Beselapho ehlathini, bheka, kwakuconsa uju, kodwa akubanga bikho noyedwa owaludla, ngokuba bonke babesaba isifungo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka