Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 8:12 - IsiZulu 2020

12 Noma isoni singona kaningi, siphile isikhathi eside, nokho ngiyazi ukuthi kuzobahambela kahle abamesabayo uNkulunkulu, ngoba bahamba ngokwesaba phambi kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 ngangokuba isoni, noma senza okubi kayikhulu, kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Noma isoni senza okubi izikhathi eziyikhulu, izinsuku zaso zande, nokho ngiyazi ukuthi kuyakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, abamesabayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 8:12
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha-ke akubanga bikho omunye owafana no-Ahabi owazithengisa, wenza okubi phambi kukaSimakade, edudwa nguJezebheli, umkakhe.


Thuthumela phambi kwakhe, mhlaba wonke; izwe limisiwe, alinakunyakaziswa.


Kepha manje, ngoba intukuthelo yakhe ayijezisi, akazinaki kakhulu iziphambeko,


Haleluya! Ubusisiswe umuntu owesaba uSimakade, othokoza kakhulu ngemiyalelo yakhe.


USimakade uzobabusisa abamesabayo, abancane nabadala.


Uyakudla okwezikhwepha zakho, ubusiseke, ube nempumelelo.


Kepha abathobekileyo bazokudla ifa lezwe, bathokozele ukuthula okukhulu.


Khulekani kuSimakade, nihlobe ngobungcwele, nithuthumele ebusweni bakhe, mhlaba wonke.


UNkulunkulu wabenzela okuhle ababelethisi; abantu banda, baba namandla amakhulu.


Ingozi ilandela izoni, kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle.


Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.


Nasi isiphetho sendaba, lapho konke sekuzwakele: mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalelo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.


Ngiyazi ukuthi noma yini uNkulunkulu ayenzayo imi kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kuyo, nokungasuswa kuyo; uNkulunkulu lokhu ukwenzele ukuba abantu bamesabe.


Nalokho kungububi obudabukisayo; wafika kanjalo, uzohamba kanjalo futhi, nzuzoni ayitholile ngokushikashikela umoya na?


Lapho kunamaphupho amaningi, kukhona nokuyize, namazwi angelutho amaningi, kodwa mesabe uNkulunkulu.


Ngikubone konke kulokhu kuphila kwami okuyize: umuntu oqotho efela ebuqothweni bakhe, nomuntu omubi ephila isikhathi eside ebubini bakhe.


Kuhle ukuthi ukubambe lokhu; ungasisusi isandla sakho kukho, ngokuba owesaba uNkulunkulu uyaphumelela kukho konke.


Abazithobanga kuze kube namuhla, abesabanga, abahambanga ngomthetho wami nangezimiso zami, engikubeke phambi kwenu naphambi kokhokho benu.


“INkosi iyakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusiswe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


Isihawu sakhe sisezizukulwaneni ngezizukulwane kubo abamesabayo.


Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,


Uma uNkulunkulu ebethanda ukubonakalisa ulaka lwakhe nokuveza amandla akhe, ababekezelela labo ababemiselwe ulaka lwakhe, ukuba babhujiswe,


Ningalidli ukuba kube kuhle kini nakubantwana benu emva kwenu, ngokuba niyobe nenza okulungile emehlweni kaSimakade.


Qaphelani, ukuba niwezwe wonke lawa mazwi enginiyala ngawo ukuze kube kuhle kini nakubantwana benu eniyobazala kuze kube phakade, ngokuba niyobe nenza okuhle nokulungile emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wenu.


Uyogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuze kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, ukuze zande izinsuku zakho ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, kuze kube phakade.”


Ngakho-ke iNkosi iyakwazi ukukhulula ekulingweni labo abamesabayo uNkulunkulu, nokugcina abangalungile ukuze ibajezise ngosuku lokwehlulelwa,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka