Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 7:1 - IsiZulu 2020

1 Igama elihle lingcono kunamakha anuka kamnandi, nosuku lokufa lungcono kunolokuzalwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Igama elihle lingcono kunamafutha amahle, nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Igama elihle lingcono kunamafutha amahle; nosuku lokufa njengosuku lokuzalwa komuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 7:1
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho izikhohlakali zingasakwazi ukuhlupha, nalapho abakhathele besekuphumuleni.


Kufana namafutha amahle ekhanda, ehlela esilevini, isilevu sika-Aroni, ehlela nasemphethweni wezembatho zakhe.


Ubuso obuchachambileyo buyayithokozisa inhliziyo, nezindaba ezinhle ziletha impilo emathanjeni.


Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu, nomusa, kunesiliva negolide.


funa okuzwayo akuthele ngehlazo, ungabe usahlonishwa.


Amafutha namakha kuyayithokozisa inhliziyo, kodwa umphefumulo udabukiswa yinhlupheko.


Izimpukane ezifile zenza amakha abe nephunga elibi; kanjalo nobuwula obuncane buyakwedlula ukuhlakanipha nodumo.


Ngacabanga ukuthi asebefile bangcono kunalabo abasaphila;


Singcono isiphetho sendaba kunesiqalo sayo; onomoya wokubekezela ungcono kunalowo onowokuzidla.


Amafutha akho athaphuka iphunga elimnandi, igama lakho linjengamafutha atheliweyo; yingakho izintombi zikuthanda nje.


Lumnandi kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! Lumnandi kakhulu kangakanani uthando lwakho, ukwedlula iwayini, nephunga lamakha akho, kunawo wonke amakha!


ngiyakubanika endlini yami naphakathi kwezingange zami isikhumbuzo negama elihle kunamadodana namadodakazi; ngiyakubanika igama eliphakade, elingayukuphela.


Manje Simakade, ngiyakucela ukuba ungibulale ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Nokho ningathokozi ngalokhu ukuthi imimoya iyanithobela, kodwa jabulelani ukuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”


Sekudliwa isidlo sakusihlwa, usathane wayesekufakile enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele.


Ngokuba siyazi ukuthi uma idokodo eliyindlu yethu yasemhlabeni lidilizwa, thina sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, engeyaphakade, esezulwini.


Simi isibindi, singathanda ukwehlukana nekhaya elisemzimbeni, ukuba sibe sekhaya eliseNkosini.


Ngokuba okhokho bafakazelwa ngakho.


Bonke labo babenconyiwe ngokukholwa, nokho abasizuzanga isithembiso,


Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: babusisiwe abafileyo abafele eNkosini, kusukela manje.” “Yebo,” kusho uMoya, “ukuze baphumule emisebenzini yabo, ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”


URuthi walala lapho ngasezinyaweni zikaBhowazi kwaze kwasa, wavuka kusemnyama kungakabonakali lutho. UBhowazi wathi: “Angifuni kwazi muntu ukuthi kuke kwafika owesifazane lapha esibuyeni.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka