Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 3:7 - IsiZulu 2020

7 isikhathi sokudabula, nesikhathi sokuthunga; isikhathi sokuthula, nesikhathi sokukhuluma;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 isikhathi sokuklebhula nesikhathi sokuthunga, isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 isikhathi sokuklebhula nesikhathi sokuthunga; isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 3:7
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

URubeni wabuyela emgodini, washaqeka engasamfici uJosefa lapho, wayeseklebhula izingubo zakhe.


UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wembatha isaka okhalo lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.


UJuda wazidela amathambo, wakhuluma noJosefa wathi: “Ngicela uxolo, nkosi yami, yivumele inceku yakho ibeke libe linye nje enkosini yayo, ungayithukutheleli inceku yakho, ngokuba wena ulingana noFaro uqobo.


Ngingabuyela kanjani kubaba engekho umfana na? Funa ngibone okubi okungahle kwehlele ubaba.”


UDavide wabamba izingubo zakhe waziklebhula, enza kanjalo namadoda wonke ayenaye.


UDavide wathi kuJowabe nakubantu bonke ababenaye: “Klebhulani izingubo zenu, nibhince indwangu eyisaka, nilile phambi kuka-Abhineri.” Inkosi uDavide yalandela uhlaka.


Kwathi ukuba u-Ahabi ezwe lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu eyisaka, wazila, walala endwangwini eyisaka, wazulazula ehamba enjengolahliweyo.


Kepha abantu bathula, abamphendulanga ngazwi, ngokuba umyalo wenkosi wathi: “Ningamphenduli.”


Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukuba ngimphilise ochokweni lwakhe na? Ake niqonde, nibone ukuthi ufuna ithuba lokulwa nami.”


Kwathi inkosi isizwile amazwi alowo wesifazane, yaklebhula izingubo zayo isahamba phezu kogange; abantu bayibona; yayembethe indwangu eyisaka ngaphansi kwezembatho emzimbeni wayo.


Ngokuba mina nabantu bakithi sithengisiwe, sizobulawa, sibhujiswe, siqedwe nya. Ukuba besithengisiwe sayoba yizigqila bengizozithulela, ngokuba leyo nkathazo ibingeke iyilimaze inkosi.”


Bahlala naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, bengasho lutho kuye, ngokuba babona ukuthi wayesebuhlungwini obukhulu kakhulu.


Bengizithulele, ngingasho lutho, ukuthula akungisizanga, inhlupheko yaya ngokuya ikhula.


isikhathi sokufuna, nesikhathi sokulahlekelwa; isikhathi sokulondoloza, nesikhathi sokusaphaza;


Bathula, abamphendulanga ngazwi, ngokuba umyalo wenkosi, wathi: “Ningamphenduli.”


Inkosi nezinceku zayo ezezwa wonke lawo mazwi, azesabanga, futhi aziziklebhulanga izingubo zazo.


“Sisahlaleleni na? Buthanani, masingene emizini ebiyelweyo, ukuze sibhubhele lapho, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu, usinqumele ukubhujiswa, usiphuzise amanzi anobuthi, ngokuba sonile kuSimakade.


Makahlale yedwa, athule, ngokuba nguSimakade omethwese lona.


Dabulani izinhliziyo zenu, hhayi izingubo zenu, nibuyele kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, unesihe nothando olungenamkhawulo, uyaxolela angabe esajezisa.


Ngakho-ke ohlakaniphileyo uyakuthula ngaleso sikhathi, ngokuba yisikhathi esibi.


Ngalolo lusuku, amaculo asethempelini ayakuba ngawokukhihla isililo, ziyakuba ziningi izidumbu eziyakudindiliza, zilahlwe kuzo zonke izindawo. Thulani!” kusho iNkosi uSimakade.


Ningathembeli kumakhelwane, ningakholwa ngumngani. Qaphela okukhuluma ngomlomo wakho kulowo olala esifubeni sakho.


ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”


Wayesesuka uPhethro, wahamba nabo. Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; bonke abafelokazi bema eduze kwakhe bekhala, bembonisa izembatho nezingubo ezazenziwe nguDokhasi esaphila.


USawule wathi kuyisekazi: “Usitshelile impela ukuthi izimbongolo zitholakele.” Kepha akamtshelanga indaba yobukhosi akhuluma ngayo uSamuweli kuye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka