Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 3:16 - IsiZulu 2020

16 Phezu kwalokho ngabona ukuthi phansi komthunzi welanga, esikhundleni sobulungiswa, kunenkohlakalo; esikhundleni sobuqotho, kunobubi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Futhi ngabona phansi kwelanga ukuthi kukhona okubi endaweni yokwahlulela nokuthi kukhona ukushinga endaweni yokulunga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngabuye ngabona phansi kwelanga indawo yokwahlulela, ukuthi kukhona ububi; nendawo yokulunga kwakukhona ububi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 3:16
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.


Lapho kunamaphupho amaningi, kukhona nokuyize, namazwi angelutho amaningi, kodwa mesabe uNkulunkulu.


Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.


Konke lokhu ngakubona ngesikhathi ngicabangisisa ngengqondo yami zonke izinto ezenzeka phansi komthunzi welanga. Kunesikhathi lapho umuntu ebusa abanye, kube ngukulimala kwakhe.


Ubulungiswa bubuyiselwe emuva, nokulunga kuma le kude, ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini, nobuqotho abukwazi ukungena.


Bafisa amasimu, bawaqhwage, nezindlu bazithathe, bacindezele indoda nabendlu yayo, umuntu nefa lakhe.


Izandla zabo zenza kahle okubi. Isikhulu sinesicelo, umehluleli ubheka umfumbathiso; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; benze itulo ngalokho.


Izikhulu zawo zingamabhubesi abhodlayo, abehluleli bakhona bangamankentshane asebusuku, abashiyi lutho okwangomuso.


Abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi obungamanga ngoJesu, ukuze bambulale.


Khona uPawula wathi kuye: “UNkulunkulu uzakukushaya wena ludonga olucakiweyo; uhleli ukuba ungehlulele ngokomthetho, kodwa wephula umthetho ngokuyala ukuba ngishaywe na?”


Kepha nina nimehlisa isithunzi ompofu. Abacebileyo kabanicindezeli yini, banihudulele ezigcawini na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka