Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 2:10 - IsiZulu 2020

10 Noma yikuphi amehlo ami ayekufuna, ngangingawancishi; inhliziyo yami angiyincishanga intokozo, ngokuba yona yathola ukuthokoza kuwo wonke umshikashika wami, lokho kwaba ngumklomelo wami wawo wonke umshikashika wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Konke amehlo ami akufisayo angikugodlanga kuwo; angenqabelanga inhliziyo yami neyodwa intokozo, ngokuba inhliziyo yami yathokoza ngawo wonke umshikashika wami; lokho kwakuyisabelo sami kuwo wonke umshikashika wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Noma yini amehlo ami ayeyifisa, angiyithandanga, angiyigodlanga inhliziyo yami kunoma iyiphi intokozo; ngokuba inhliziyo yami yayithokoza ngawo wonke umshikashika wami, lokhu kwaba yisabelo sami kuwo wonke umshikashika wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 2:10
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla.


amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, aziqokela abafazi phakathi kwawo.


“Ngenza isivumelwano namehlo ami, ngingayibuka kanjani intombi ngokukhanuka na?


Phendula amehlo ami angakuboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho.


Uyakudla okwezikhwepha zakho, ubusiseke, ube nempumelelo.


Usathi phayiphayi amehlo, akusekho, ngokushesha sekumile amaphiko njengokhozi, kwajubalalela emazulwini.


Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ayikujabulise ezinsukwini zobusha bakho. Landela izindlela zenhliziyo yakho, nakho konke okubonwa ngamehlo akho, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela ngazo zonke lezo zinto.


Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Woza ngikuvivinye ngentokozo ukuze ngibone okuhle.” Nalokho futhi kwakuyize.


Umuntu utholani ngakho konke ukushikashikeka nokukhandleka kwakhe phansi komthunzi welanga na?


Akukho okungcono okungenziwa ngumuntu ngaphandle kokuthi adle, aphuze, aneliseke ngomsebenzi wakhe. Nalokho futhi ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu,


Ngakho-ke ngabona ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngomsebenzi wakhe, ngokuba lokho kuyisabelo sakhe; ngubani ongamenza abone okuyakwenzeka nxa esefile na?


Othanda imali akaneliswa yiyo; nothanda ingcebo akaneliswa yinzuzo ayitholayo, nalokho kuyize.


Yebo, zonke izinsuku zakhe uzichithele ebumnyameni nasosizini, nasekukhathazekeni nasekuguleni nasolakeni.


Ngase ngiyabona ukuthi yini enhle nemnandi: ngukudla, ukuphuza, nokuthokozela wonke umshikashika awukhandlekele phansi komthunzi welanga, kulezi zinsukwana zokuphila uNkulunkulu amuphe zona, ngokuba kuyisabelo sakhe lokho.


UNkulunkulu umuntu umuphe ingcebo, impahla, nodumo ukuze angesweli lutho alufisayo, kepha uNkulunkulu akamniki amandla okukudla; kufika umfokazi azitike ngakho, lokho kuyize; kungukushaywa kabuhlungu.


Kungcono ukubona ngamehlo, kunokulangazelela kwenhliziyo; lokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Ngakho-ke mina ngincoma ukuzijabulisa, ngokuba akukho okungcono kumuntu phansi komthunzi welanga, ngaphandle kokuba adle, aphuze, azijabulise, ngokuba lokhu kuyohlala kunaye emshikashikeni wokuphila kwakhe, ngezinsuku uNkulunkulu amuphe zona phansi komthunzi welanga.


Kubo uthando nenzondo nomona sekuphelile, abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi komthunzi welanga.


Jabulela impilo nomkakho omthandayo, zonke izinsuku zempilo yakho eyize akunike yona phansi komthunzi welanga, ngoba yisona sabelo sempilo yakho emshikashikeni wakho owushikashika phansi komthunzi welanga.


Ngokuba konke okusezweni; inkanuko yemvelo yomuntu, inkanuko yamehlo, ukuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa ezweni.


Wayesenyuka, wabikela uyise nonina, wathi: “Ngibone owesifazane womFilisti eThimna; ngithatheleni yena abe ngumkami.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka