Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 10:13 - IsiZulu 2020

13 Siwuvula nje umlomo waso sikhuluma ubuwula, kuthi ekugcineni inkulumo yaso ibe ngukuhlanya okubi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ukuqala kwamazwi omlomo waso angubuwula, nokugcina kokukhuluma kwaso kungubuhlanya obubi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ukuqala kwamazwi omlomo waso kuwubuwula, nokuphela kokukhuluma kwaso kungukuhlanya okubi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 10:13
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, kwase kuza bonke abantu bakwa-Israyeli enkosini, bathi kuyo: “Kungani abafowethu bakwaJuda beyebile inkosi, bayiweza iJordani nabo bonke abendlu yayo, nabo bonke abantu bakaDavide ababenayo na?”


Kepha yathi: “Uma uSimakade engakusizi, mina ngingalutholaphi usizo na? Esibuyeni noma esikhamweni sewayini?”


Yathi: “UNkulunkulu makenze kanjalo, enezele futhi, uma ikhanda lika-Elisha, indodana kaShafathi, liyakube lisekuye namuhla.”


Bonke abahlakaniphileyo basebenza ngokwazi, kepha isiwula sisabalalisa ubuwula.


Uma ohlakaniphileyo ephikisana nesiwula siyadlova, sihleke, kungabi bikho ukuthula.


Isiwula sikhuluma amagama amaningi, kodwa akukho muntu owaziyo ukuthi kuzokwenzekani, nongasho ukuthi yini ezolandela uma sesifile?


Ungasheshi ukhulume ngomlomo wakho, futhi ungayivumeli inhliziyo yakho iphimise izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba Yena usezulwini, wena usemhlabeni, ngakho-ke mawabe mbalwa amazwi akho.


Umqondo wami ngawuguqulela ekwazini ekufuneni, nasekuphenyisiseni izinto zonke, nokwazi ububi bobuwula, nokuthi ubuwula bungukuhlanya.


Kwathi ukuba uHerode abone ukuthi izazi zimshaye ngemfe iphindiwe, wathukuthela kakhulu. Wathumela, wabulala bonke abantwana besilisa baseBhethlehema, nasezindaweni zonke ezakhelene nalo, ababeneminyaka emibili nangaphansi, njengokwesikhathi izazi ezazimtshele sona.


Kepha umFarisi ebona ukuthi uJesu udla engaqalanga ngokugeza, wamangala.


Bathukuthela bathelwa ngamanzi, bakhuluma bodwa bebonisana ukuthi bangamenzenjani uJesu.


Kepha abanye babaFarisi bathi: “Nikwenzelani okungavunyelwe ngesabatha na?”


Kepha abaphristi abakhulu benza uzungu lokuba babulale noLazaru,


Ngosuku lwesikhombisa zathi kumkaSamsoni: “Mnxenxe umyeni wakho ukuba asichazele imfumbe, kungenjalo sizokushisa ngomlilo wena nendlu kayihlo. Ngabe usimemele lapha ukuba nizosiphundla sibe mpofu, akunjalo na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka