Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 1:16 - IsiZulu 2020

16 Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Ngizuze ukuhlakanipha okukhulu ukwedlula bonke abangendulela ekubuseni eJerusalema. Yebo, inhliziyo yami izuze ukuhlakanipha okukhulu nokuqonda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngakhuluma mina nenhliziyo yami, ngathi: “Bheka, ngenzile ukuhlakanipha kube kukhulu, ngikwandisile kunabo bonke phambi kwami eJerusalema, yebo, inhliziyo yami ibonile kakhulu ukuhlakanipha nokwazi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngakhuluma ngenhliziyo yami ngathi: “Bheka, mina sengize ngobuso obukhulu, ngizuza ukuhlakanipha kunabo bonke ababe ngaphambi kwami eJerusalema; yebo, inhliziyo yami yaba nesipiliyoni esikhulu sokuhlakanipha nolwazi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 1:16
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha angizange ngikholwe, yikho ngize ngafika lapha, ngazibonela ngamehlo ami; empeleni engakuzwayo akusiyo ngisho ingxenye, kodwa wena wenezele ngokuhlakanipha nangobuhle kulokho engakuzwayo.


Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakukukhulu kwedlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibhithe.


Izinceku zami ziyakuyehlisa eLebhanoni, ziyiyise olwandle, mina ngiyenze ibe yizihlenga ezihamba olwandle, ziye endaweni oyakungiyalela yona, zihlakazwe lapho. Wena uyakuzithwala lapho, ufeze engikufunayo ngokuba uphe abendlu yami ukudla.”


Kepha uGehazi, inceku ka-Elisha, umuntu kaNkulunkulu, wathi: “Bheka, inkosi yami imyekile uNahamani, lo wase-Aramu, ngokungemukeli ezandleni zakhe akulethayo; ngifunga ngiyagomela kuSimakade, ngiyakugijima, ngimlandele, ngithathe noma yini kuye.”


UHuramu wabuye wathi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli owenza izulu nomhlaba, nowanika uDavide, inkosi, indodana ehlakaniphileyo, enolwazi nokuqonda, ezokwakhela uSimakade indlu nesigodlo sasebukhosini.


Thukuthelani, kodwa ningoni; zindlani enhliziyweni yenu, embhedeni wenu, nithule. Sela


Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu, ngizindla enhliziyweni yami, nomoya wami uyahlolisisa.


Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Woza ngikuvivinye ngentokozo ukuze ngibone okuhle.” Nalokho futhi kwakuyize.


Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Okwehlela isiwula, nami kuzongehlela. Pho kungani ngihlakaniphe kakhulu na?” Ngathi enhliziyweni yami: nalokho kuyize.


Ngakho-ke ngaba mkhulu ukwedlula abangendulelayo eJerusalema; ukuhlakanipha kwami kwahlala kukimi.


Ngathi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uzobehlulela abaqotho nezikhohlakali, ngokuba yonke indaba nomsebenzi kubekelwe isikhathi sakho.”


othi: ‘Ngiyakuzakhela indlu enkulu enamakamelo abanzi aphezulu,’ azibhobozele amafasitela, bese eyimboza ngemisedari, ihuqwe ngokubomvu!


Inkosi yathatha, yathi: “Angithi yileli Bhabhele elikhulu engilakhileyo ukuba libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami na?”


Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, asebenomqondo oqeqeshekileyo, asebekwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka