Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 7:16 - IsiZulu 2020

16 Izizwe ziyakubona zibe namahloni, ngawo wonke amandla azo, ziyakubeka isandla emlonyeni, izindlebe zazo zingezwa lutho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Abezizwe bayakubona, babe namahloni ngamandla abo onke, babeke isandla sabo emlonyeni wabo, izindlebe zabo zibe yizithulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Izizwe ziyakubona lokhu, zibe namahloni ngawo wonke amandla azo; bayakubeka isandla sabo emlonyeni wabo, izindlebe zabo ziyakuba yizithulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 7:16
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngibhekeni, nishaqeke, nibambe ongezansi.


“Bheka, angiyinto yalutho, ngingakuphendula ngithini na? Kungcono ngibeke isandla sami emlonyeni, ngithule.


Kwaqhuma uhleko, izilimi zethu zahuba ngentokozo; abezizwe base bekhuluma, bethi: “USimakade ubenzele izinto ezinkulu.”


“Uma wenze ubuwula waziphakamisa, noma wakha icebo elibi, thula.


Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.


kanjalo iyokwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayovala imilomo ngenxa yayo, ngokuba ayobona lokho angazange akutshelwe, nalokho angakaze akuzwe, ayokuqonda.


“Ngiyayazi imisebenzi yabo nemicabango yabo; ngiyeza ukuzobutha zonke izizwe nezilimi, ziyakufika, ziyibone inkazimulo yami.


Ngiyakububonakalisa kanjalo-ke ubukhulu bami nobungcwele bami, futhi ngizazise phambi kwezizwe eziningi, ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade.” ’ ”


Ababonayo bayakuba namahloni, ababhuli bahlazeke; bonke bayakubamba amadevu abo, ngokuba kungekho mpendulo evela kuNkulunkulu.”


Insali kaJakobe iyakuba sezizweni, kubantu abaningi, njengengonyama iphakathi kwezilwane zehlathi, nanjengewundlu lengonyama liphakathi komhlambi wezimvu, elithi uma lidabula phakathi kwawo, linyathele, linephunephuze, kungabi bikho ohlengayo.


ngigumbuqele izihlalo zobukhosi zemibuso, ngiwaqede amandla emibuso yabezizwe, ngiketule izinqola nabagibele kuzo; afumbeke phansi amahhashi nabagibeli bawo, kube yilowo nalowo adliwe yinkemba yomfowabo.


Kuyakuthi ngalolo lusuku ngiphokophelele ukushabalalisa izizwe zonke ezatheleka eJerusalema, zalihlasela.


Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu.


izizwe zathukuthela, kwase kufika ulaka lwakho, nesikhathi sokwehlulelwa kwabafileyo, nokunika izinceku zakho umvuzo, abaphrofethi nabangcwele nabesaba igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka