Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 5:9 - IsiZulu 2020

9 Masiphakanyiswe isandla sakho phezu kwezitha zakho, ziqedwe nya zonke izitha zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Masiphakanyiswe isandla sakho phezu kwezitha zakho, zinqunywe zonke izitha zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Isandla sakho siyakuphakanyiswa phezu kwezitha zakho, futhi zonke izitha zakho ziyonqunywa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 5:9
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Simakade Nkulunkulu, yima ngomumo! Bonakalisa amandla akho, ungamkhohlwa osekuhluphekeni.


Ngakho-ke waphakamisa isandla sakhe, wafunga kubo ukuthi uzobabhubhisa ehlane,


Isandla sakho siyozifumana zonke izitha zakho; esokunene sakho sibathole abakuzondayo.


Ngizoguqula isandla sami ngimelane nawe, ngicwengisise wonke amanyela akho, ngisuse konke ukungcola kwakho.


Bayohlangana bahlasele amaFilisti entshonalanga, baphange abantu basempumalanga, bayakumelana nabakwa-Edomi nabakwaMowabi, ama-Amori ayoba ngaphansi kwesandla sabo.


Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.


“Manje sengizovuka” kusho uSimakade; “manje sengizophakanyiswa, sengizophakanyiswa impela.


Ingelosi kaSimakade yaphuma yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000. Kuvukwa ngakusasa, babona ukuthi bonke babefile kuyizigingqane zezidumbu.


ngigumbuqele izihlalo zobukhosi zemibuso, ngiwaqede amandla emibuso yabezizwe, ngiketule izinqola nabagibele kuzo; afumbeke phansi amahhashi nabagibeli bawo, kube yilowo nalowo adliwe yinkemba yomfowabo.


Ngiyakususa inqola yempi kwa-Efrayimi, nehhashi eJerusalema, ngisuse nomnsalo wempi. Iyakukhuluma ngokuthula ezizweni, ukubusa kwayo kuyakusukela olwandle kuze kufike olwandle, kusukele emfuleni kuze kufinyelele emaphethelweni omhlaba.


Kepha lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngizibuse, ziletheni lapha, nizibulale ngizibonela ngawami.”


Ngokuba Yena umelwe ukuba abuse, aze azibeke phansi kwezinyawo zakhe zonke izitha zakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka