Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 2:2 - IsiZulu 2020

2 Bafisa amasimu, bawaqhwage, nezindlu bazithathe, bacindezele indoda nabendlu yayo, umuntu nefa lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Bafisa amasimu, bawadluzule, nezindlu, bazisuse; bacindezela indoda nendlu yayo, umuntu nefa lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bafisa amasimu, bawathathe; nezindlu bazithathe; bacindezela umuntu nendlu yakhe, umuntu nefa lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 2:2
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Sekwedlule konke lokho, uNabothi waseJizreyeli wayenesivini esasiseceleni kwesigodlo senkosi u-Ahabi, inkosi yaseSamariya.


wathi: ‘Ngenxa yegazi likaNabothi, negazi lamadodana akhe engilibonile izolo,’ kusho uSimakade, ‘ngiyakuphindisela kuwe kulesi siqinti sezwe,’ kusho uSimakade. Ngalokho-ke, mthathe umdinsile kulesi siqinti sezwe njengokusho kwezwi likaSimakade.”


“Uma umhlaba wami ukhonondile ngami, nemisele ekuwo yakhala kanyekanye;


Ungayifisi indlu yomakhelwane wakho; ungamfisi umfazi womakhelwane wakho, inceku yakhe, incekukazi yakhe, inkabi yakhe, imbongolo yakhe, noma yini kamakhelwane wakho.”


USimakade uze ukuzokwehlulela ekanye namalunga abantu bakhe nabaholi babo, uthi: “Yini eniqede isivini, nabuthela impango yabampofu ezindlini zenu.


Maye kini enihlanganisa indlu nendlu, ninezelele insimu kwenye, kuze kungabe kusaba bikho ndawo, ukuze kube yini nodwa enakhe emhlabeni!


“Kepha amehlo akho nenhliziyo yakho kusenzuzweni engalungile kuphela, ekuchitheni igazi elingenacala, ekucindezeleni, nasekwenzeni ubudlova.”


icindezela abampofu nabantulayo, iphanga nokuphanga, ingasibuyisi isibambiso, iphakamisela amehlo ayo ezithombeni, yenza izinengiso,


Bamukele umfumbathiso kuwe ukuba bachithe igazi, wena wathatha inzalo nenzuzo, waphanga omakhelwane bakho ngokubacindezela, kodwa wangikhohlwa Mina, kusho iNkosi uSimakade.


“ ‘ “Impela ngenxa yenzuzo engaka engalungile oyenzile, nangegazi elikuwe, Mina ngishaya izandla ngibabaza.


Nethembele enkembeni yenu, nenza izinengiso; ningcolisa, kube yilowo nalowo umkamakhelwane wakhe. Pho-ke niyakulidla kanjani izwe libe yifa lenu na?” ’


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Sekwanele we zikhulu, zikhulu zakwa-Israyeli! Yekani ukucindezela abantu ngobudlova; nehlulele ngobulungiswa nobuqotho, nikuyeke ukuxosha abantu bami,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Isikhulu asiyukuthatha lutho efeni labantu, singabaqhwagi impahla yabo, kodwa amadodana aso siyakuwabela ifa empahleni yaso, ukuze abantu bami bangahlakazeki, kube yilowo nalowo ashiye ifa lakhe.” ’ ”


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ubonile yini na? Kuyinto engelutho yini endlini yakwaJuda ukwenza izinengiso abazenza lapho na? Ngokuba baligcwalisile izwe ngobudlova, bedlula bachukuluza ulaka lwami. Uyabona, babeka amagatsha emakhaleni abo.


Bagxobagxoba amakhanda abampofu othulini lomhlabathi, bachezukisa abathobekileyo endleleni; indodana noyise baya entombini, kanjalo-ke balihlambalaze iGama lami elingcwele.


Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Yizwani lokhu nina eninyathela abantulayo, niqede nya abasweleyo bezwe,


Ake nizwe nina zinhloko zendlu kaJakobe, nani babusi bendlu ka-Israyeli, enenyanya ubulungiswa niphambanise konke okulungileyo;


Labo abacebileyo bakhona banobudlova obedlulele, nezakhamuzi zakhona zihubhuza amanga, nolimi lwenkohliso lusemlonyeni wazo.


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.


ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yabo bonke ububi. Abanye ngokuyifisa kwabo bahlubuka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka