Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMalaki 3:12 - IsiZulu 2020

12 “Zonke izizwe ziyakuthi kini nibusisiwe, ngokuba nina niyakuba yizwe elithokozisayo,” kusho uSimakade Wamabandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Zonke izizwe ziyakuthi nibusiswe, ngokuba niyakuba yizwe elithokozisayo,” usho uJehova Sebawoti.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Zonke izizwe ziyakuthi nibusisiwe, ngokuba niyakuba yizwe elithandekayo,” usho uJehova Sebawoti.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMalaki 3:12
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abaningi baletha iminikelo kuSimakade eJerusalema namagugu kuHezekiya inkosi yakwaJuda, waba nodumo kubo bonke abezizwe ngaleso sikhathi.


Igama layo malime kuze kube phakade, udumo lwayo luphakame njengelanga. Zonke izizwe mazidunyiswe ngayo, bonke abezizwe mabathi ibusisiwe.


Abantwana babo bayakwaziwa phakathi kwezizwe, nezizukulwane zabo phakathi kwabantu; bonke abababonayo bayovuma ukuthi bayisizukulwane uSimakade asibusisile.”


Akusayukuthiwa ngawe uNgoshiyiweyo, nezwe lakini alisayukuthiwa yiNcithakalo; kodwa uyobizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo; ngokuba uSimakade uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.


Njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe, nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe, uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.


Umuzi uyakuba kimi yigama lokujabula, nodumo, nendumiso kuzo zonke izizwe zomhlaba eziyakuzwa ngakho konke okuhle engibenzela khona. Ziyokwesaba, zithuthumele ngenxa yakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.’


Iyakungena nasezweni elihle, namanye amaningi ayakukhubeka, kepha lana ayakophulwa esandleni sayo: o-Edomi, noMowabi, nemvama yabakwa-Amoni.


Kolunye lwazo kwamila uphondo oluncane olwakhula kakhulu ngaseningizimu, ngasempumalanga, nangasezweni elihle.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda alishumi, avela kuzo zonke izilimi zabezizwe, ayakubamba umphetho wengubo yomuntu wakwaJuda, athi: ‘Masihambe nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”


“Amazwi enu angigxekile,” kusho uSimakade. “Kodwa niyabuza nithi: ‘Sikhulume sathini ngawe na?’


ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe. Kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi, ngibusisiwe.


Liyizwe uSimakade uNkulunkulu wakho alinakekelayo; amehlo kaSimakade uNkulunkulu wakho ahlala eliqaphe njalo, kusukela ekuqaleni konyaka kuze kube sekupheleni kwawo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka