Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMalaki 3:1 - IsiZulu 2020

1 “Niyabona-ke, sengizakuthumela isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ethempelini layo ngokuphazima kweso; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bhekani, siyeza,” kusho uSimakade Wamabandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bheka, siyeza,” usho uJehova Sebawoti.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMalaki 3:1
38 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”


“Bheka, ngizothumela ingelosi ikwandulele ukuze ikuvikele ohambeni, futhi ikufinyelelise endaweni engiyilungisileyo.


Ilalelisise, futhi uyithobele. Ungayivukeli, ngokuba ayiyukuzithethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.


Bhekani, iNkosi uSimakade iyeza ngamandla; izobusa ngengalo yayo; bhekani, umvuzo wayo uza nayo, nenkokhelo yayo iphambi kwayo.


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli.


Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.


UHagayi, isithunywa sikaSimakade, wayesethula umyalezo kaSimakade kubantu, wathi: “Mina nginani,” kusho uSimakade.


Niyakukwazi ukuthi nginithumelele lo myalo ukuze kuqhubeke isivumelwano sami noLevi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Phela izindebe zomphristi kufanele zilondoloze ulwazi; abantu kumele bafune imfundiso emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaSimakade Wamabandla.


“Niyabona-ke, ngiyakunithumelela u-Eliya umphrofethi, lungakafiki usuku lukaSimakade olukhulu nolwesabekayo.


Uma nivuma ukukwamukela lokho, lo ungu-Eliya obezakufika.


Nawe-ke, mntwana, uyakuthiwa ungumphrofethi woPhezukonke, ngokuba uyakuyandulela iNkosi; ulungisa izindlela zayo


Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla. Kepha abaphristi abakhulu, izazimthetho, nezikhulu zabantu, zafuna ukumbulala.


ukuthi namuhla nizalelwe uMsindisi, onguKhristu iNkosi, emzini kaDavide.


Naye-ke wafika ngaleso sikhathi, wamtusa uNkulunkulu, wabatshela ngaye bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema.


Kuthe sekwedlule izinsuku ezintathu, bamfumana ethempelini, ehleli phakathi kwabafundisi, ebalalele, futhi ebabuza.


UPawula wayesethi: “UJohane wabhabhadisa ngombhabhadiso wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguYena ozakufika emuva kwakhe; lowo nguJesu.”


“Nguye lowo owayesebandleni ehlane nengelosi eyakhuluma naye entabeni iSinayi kanye nokhokho, nowemukela amazwi okuphila ukuze aninike wona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka