Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMalaki 2:11 - IsiZulu 2020

11 “UJuda akathembekanga, kwenziwe okunyanyekayo kwa-Israyeli naseJerusalema, ngokuba uJuda uyingcolisile indawo engcwele kaSimakade ayithandayo, uganwe yindodakazi kankulunkulu wabezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “UJuda ukhohlisile, isinengiso senziwe kwa-Israyeli naseJerusalema, ngokuba uJuda uyingcolisile indlu engcwele kaJehova ayithandayo, waganwa yindodakazi kankulunkulu wabezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UJuda wenze ngokukhohlisa, futhi isinengiso senziwe kwa-Israyeli naseJerusalema; ngoba uJuda wangcolisa ubungcwele bukaJehova amthandayo, wathatha indodakazi kankulunkulu wezizweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMalaki 2:11
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UShekhaniya, indodana kaJehiyeli, wozalo luka-Elamu, wathi ku-Ezra: “Asethembekanga kuNkulunkulu ngokuthi siganwe ngabesifazane bezizwe, kodwa noma kunjalo u-Israyeli usenalo ithemba.


Ngakho-ke amadodakazi enu ningawaganiseli amadodana azo, namadodana enu ningawathatheli abafazi kumadodakazi azo, ningalokothi nifune ukuthula kwazo nempumelelo yazo, ukuze nibe namandla, futhi nidle okuhle kwezwe, nilishiyele abantwana benu libe yifa labo laphakade.’


Bazihlanganisa noBhali Pheyori, badla okuhlatshelwe abafileyo.


U-Israyeli ungcwele kuSimakade, uwulibo lwezithelo zakhe; bonke abazidlayo bayothweswa icala, behlelwe ngokubi,’ ” kusho uSimakade.


Nokho kukho konke lokho lo dadewabo ombuluzayo, uJuda, akazange abuyele kimi ngenhliziyo ephelele, kodwa ngokuzenzisa nje,” kusho uSimakade.


Niyofika yini nime phambi kwami, kule ndlu ebizwa ngeGama lami, nithi: “Sihlengiwe,” ukuze nenze zonke lezi zinengiso na?


ibolekisa ukuze ithole inzalo, ithatha inzalo; ngabe iyakuphila yini na? Qha, ayiyukuphila, ngokuba yenze zonke lezo zinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe phezu kwayo.


Omunye wenze isinengiso nomkamakhelwane wakhe. Omunye wangcolisa umalokazana wakwakhe ngobufebe, omunye kubo wone udadewabo, indodakazi kayise.


Kodwa basephulile isivumelwano njengo-Adamu; bangathembeka kimi ngalokho.


Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba Mina Simakade ngingcwele, nginehlukanisile kwabezizwe ukuba nibe ngabami.


Isiphrofetho: Izwi likaSimakade elafika ku-Israyeli ngesandla sikaMalakhi, lathi:


Ngokuba ningabantu abangcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu. Unikhethile ukuba nibe yisizwe esiyifa lakhe phakathi kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


baganwa ngamadodakazi alezi zizwe, aba ngamakhosikazi abo, amadodana abo aganwa ngamadodakazi azo, base bekhonza onkulunkulu bazo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka